Owespurs uyazincoma ngokuncela kunina ulwazi lokupheka
NGAPHANDLE KWENKUNDLA: NONHLANHLA HUDLA
UNEPHUPHO lokugijima phesheya kwezilwandle u-ashley Cupido ongumdlali wecape Town Spurs edonsa ngodizili kwi-dstv Premiership njengoba kuyiwe ekhefini lecaf Africa Cup of Nations (Afcon) ibambe ibhuleki kwi-log.
Lo mdlali wazalelwa e-ottery, ecape Town, ngomhla ka-5 kunhlaba (May) ngo-2001.
Ucupido ungomunye wabadlali abasize ispurs ukwenyukela kwipremieship kule sizini emuva kwesikhathi eside izama kodwa kungalungi. Wayishayela amagoli awu-15 ngesizini edlule.
Ufunde amabanga aphansi eperivale Primary School ngaphambi kokudlulela elotus High School okuyilapho ephothule khona umatikuletsheni wakhe.
Uthando lukanobhutshuzwayo lumfikele esemncane njengoba ethi waqala ukudlala esasindwa ngamakhokho.
Uqale ukudlala kwiclarewood FC, okuyikilabhu yama-amesha, wabe esedlulela enkulisa yehellenic.
Udlale iminyaka emibili KU-ABC Motsepe League, eyayibizwa ngevodacom League ngaleso sikhathi, ngaphambi kokujoyina inkulisa ye-ajax Cape Town ingakashintshi igama, njengoba isibizwa ngespurs manje.
Uthi ngeke amkhohlwe umqeqeshi wakhe u-andries owaba nesandla esikhulu empumelelweni yakhe ngokumelekelela ukuba ngumdlali asenguyena namuhla.
Ingxoxo kacupido NELANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
I/L: Ungumuntu onjani?
Cupido: Nginamahloni futhi ngizothile, kodwa ngiyakwazi ukuhlala nabanye abantu.
Ngesikhathi ngisakhula benginokuba yisigangi kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabuye ngaba yingane, ngaqhubeka nokuzidlalela ibhola.
Ukuba ngumdlali webhola kwangenza ngakwazi ukubuka impilo ngenye indlela engicabanga ukuthi kungikhulise kakhulu njengomuntu.
I/L: Ngabe sewushadelwe?
Cupido: Lutho, kangikashadelwa kodwa nginazo izingane zabafana ezintathu.
I/L: Uyakwazi ukupheka? Cupido: Ngiyazama yize ngingeke ngithi ngiyinkunzi.
Ngaba nenhlanhla yokufunda kumama ukuthi kwenziwa kanjani futhi kangizisoli ngoba njengamanje kuyangisebenzela uma ngingedwa.
I/L:
Ukhonze hlobo luni lokudla?
Cupido: Kangiyena umuntu okhetha izinhlobo zokudla kodwa ngishaywa ngaphakathi wukudla okune-pasta.
I/L: Ulalela muphi umculo?
Cupido: Ngithanda ukulalela ama-piano nernb.
I/L: Uthanda ukubukela luphi uhlelo kumabonakude?
Cupido: Unobhutshuzwayo noma ngibuke uhlelo lezilwane.
Uma nginesikhathi esiningi ngiyaye ngizibukele nama-movie.
I/L: Ukhule ulandela yiphi ikilabhu kuleli naphesheya kwezilwandle?
Cupido: Kuleli ngikhule ngithanda ikaizer Chiefs kanti phesheya ngizifela ngemanchester United yasengilandi.
I/L: Kubadlali bebhola, yibaphi okhule ubukela kubona?
Cupido: Kuleli bengizifela ngobenni Mccarthy kanti phesheya ngithanda ucristiano “CR7” Ronaldo waseportugal.
I/L: Uphatha hlobo luni lukamakhalekhukhwini?
Cupido: I-samsung.
I/L: Ngabe ukhona usaziwayo ozifela ngaye kuleli?
Cupido: Lutho, okwamanje noma ngabe ukhona bekuzoba nzima ukusho ngoba bengingaziqhatha nesithandwa sami nokwenza kuyinyanga yothando.
I/L: Sisekuyo nje inyanga yothando, usuku lwezithandani (Valentines’ Day) luchazani kuwena?
Cupido: Luyindlela yokukhombisa uphathina wakho ukuthi uyakubona ukubaluleka kwakhe empilweni yakho ukuze naye abone ukuthi lapha ekhona kukhona okuhle okubona kuyena.
Uma nginaso isikhathi nami ngiyaye ngimkhombise umuntu wami uthando, noma kuyinto engingayenzi njalo.
I/L: Uma kungathiwa uthola ithuba lokuvakasha phesheya kwezilwandle, ungaya kuliphi izwe?
Cupido: Mabili amazwe engifisa ukuwuvakashela – yispain ne-england.
Ngale nje kokuwavakashela, nginesifiso sokuthi ngelinye ilanga ngigijime kwelinye lawo njengoba ehlonishwa kakhulu kunobhutshuzwayo emhlabeni.
I/L: Ibafana Bafana ibuye nendodo yethusi kwi-afcon esanda kusongwa e-ivory Coast, njengomdlali uzizwa kanjani ngempumelelo yeqembu lesizwe?
Cupido: Ngijabule kakhulu ngomsebenzi omuhle owenziwe yiqembu lesizwe.
Empeleni lenze okungaphezulu kwalokho obekulindelwe futhi kangingabazi ukuthi ukuba like lafinyelela kowamanqamu, belizobuya nayo inkomishi.
Ngicabanga ukuthi umqeqeshi wenze umsebenzi omuhle kakhulu.
Osekusele wukuthi ahlanganise nabadlali abadlala phesheya ukuze sizokuba nabadlali abahle ngisho ebhentshini.
Okunye okumele kwenziwe wukuthi kunikwe nabancane ithuba kwazise abanye iminyaka yabo isihambile.
I/L: Uyakholwa?
Cupido: Yebo ngiyakholwa, noma ngingasemningi enkonzweni ngenxa yomsebenzi. Ngiyaye ngenze isiqiniseko sokuthi uma ngithola ithuba ngiyalisebenzisa ukuyodumisa.
I/L: Yimuphi umbala owukhonzile?
Cupido: Ngithanda omhlophe, yize ngiyifaka neminye.
I/L: Uzibona ukuphi eminyakeni emithathu ezayo?
Cupido: Isifiso sami wukuba ngenze kahle ukuze ngizozibeka ethubeni lokuyodlala phesheya kwezilwandle, okuyiphupho lawo wonke umdlali.
I/L: Yimuphi umyalezo ongawunika abadlali abasebancane abasazimisele ngokudlala ibhola elikhokhelayo?
Cupido: Kakukho okwedlula ukuzimisela kukhona konke abakwenzayo. Lo mdlalo ufuna umuntu obekezelayo ngoba unezingqinamba eziningi.
Okunye okubalulekile wukulalela nokuhlonipha, bese ungakhohlwa yimfundo ngoba yiyona eyikusasa ekugcineni kwakho konke.
I/L: Ungathini ngokucinywa kukagesi okuqhubekayo kuleli zwe?
Cupido: Kuyinto esihlupha sonke, edinga ukusukunyelwa ngokushesha ngoba mningi umonakalo odalekayo ngale nto eyenzekayo kuleli.
hudla@ilanganews.co.za