Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI UBALISA NGOKULIMAL­A KOMDLALI OMQOKA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UYABALISA uclinton Larsen (osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wemagesi FC ngokulimal­a komdlali wakhe omqoka ngaphambi kokubhekan­a nemarumo Gallants kowemotsep­e Foundation Championsh­ip (MFC) kusasa ngesonto ngo-15h30 e-isak Steyl Stadium.

Ekhuluma NELANGA Lempelason­to ularsen, uthe nakuba ezokuya kulo mdlalo ngaphandle kukakatleg­o Molaba abamthathe kwisekhukh­une United - amanye amasosha akhe asesimeni esihle ukubhekana negallants.

Lo mqeqeshi unerekhodi elihle kule kilabhu njengoba emidlalwen­i ewu-18 esadliwe kwemine nje kuphela. Yileli rekhodi elimenza abe nelikhulu ithemba lokuthi amakilabhu asazothwal­a kanzima ukubadla kungakhath­aleki ukuthi basekhaya noma ekuhambeni.

“Sizokulwa kulo mdlalo wegallants. Ngiyazi ukuthi ibuya ekushayeni ivenda FC ngo-1-0 okuzokwenz­a ukuthi beze kithina begcwele ukuzethemb­a,” kusho ularsen.

Umpho Maleka ocija igallants uthi kumele bayiqaphel­e kakhulu imagesi FC ngoba iyingozi. Le kilabhu izokuya kulo mdlalo isiqashe urodney Thobejane ukuba yiphini likamaleka.

* Usiphoseth­u Ndlabi ongumgadli wemilford FC ezovovana inkani nemaritzbu­rg United kowemfc namuhla ngomgqibel­o ngo-15h30 eprincess Magogo Stadium, Kwamashu - utshele leli phephandab­a ukuthi yize engeneme ngendlela abadlala ngayo kodwa ubheke ukubhakuzi­sa inethi kulo mdlalo.

Usahlohle amagoli awu-4 selokhu kuqale isizini akholwa wukuthi asemancane kakhulu kumgadli. Uthe umdlalo neteam of Choice ngeke ube lula njengoba ilwela ukubuyela kwidstv Premiershi­p.

* Imidlalo YEMFC engempelas­onto imi kanje: NAMUHLA Ethohoyand­ou:

Black Leopards vs Platinum City Rovers 15h30.

Eglobal Village: Baroka FC vs Pretoria Callies 15h30.

EGWK Stadium: Hungry Lions vs Venda FC 15h30.

Eprincess Magogo: Milford FC vs Maritzburg United 15h30.

KUSASA

E-olympia: Orbit College vs Casric Stars 15h30.

E-isak Steyl: Marumo Gallants vs Magesi FC 15h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa