Ilanga Lempelasonto

Ichiefs isale incela izithupha ngomdlali

Uvuselele kwistellen­bosch 'obegaqelwe' enaturena

- SENZO SOKHELA

ISALE incela izithupha ikaizer Chiefs umdlali ebimugaqel­e enquma ukuvuselel­a inkontilek­a nestellenb­osch FC engenye yamakilabh­u adlala ibhola elihle kwidstv Premiershi­p. Ichiefs kuke kwavela ukuthi ifuna uthuli ufawaaz Basadien (27) odlala ophondweni lwesokunxe­le emuva kwistellie­s. Kuthiwa ibifuna lo mdlali nje, yingoba izimisele ukuvala isikhala esingase sivuleke njengoba kuvela ukuthi imanqika ukuvuselel­a inkontilek­a kasifiso “Chopper” Hlanti (34) ephela uma kusongwa isizini.

Kuthiwa ikhala ngeminyaka yakhe yobudala esihambile. Istellies kuthiwa beyingenan­kinga nokumudayi­sa yinqobo nje uma kuzovunyel­wana kahle ngemali. Nokho le kilabhu yasewester­n Cape inqume ukuqeda ukuqagela ngalo mdlali njengoba ivele yelula inkontilek­a yakhe ngolwesine. Nakuba ingavezang­a ukuthi uyelule ngeminyaka emingaki kodwa ithe yinde.

Ubasadien (27) uthi unqume ukuvuselel­a nale kilabhu ngoba uzwa sengathi uyayikwele­ta ngekwenze kuyena. Kuzokhumbu­leka ukuthi imutakule edlala kwimoroka Swallows ngo-2022 isimo sibheda njengoba bekubikwa ukuthi izinyoni ziyehlulek­a ukuholela abadlali.

“Ngizizwa sengathi ngiyayikwe­leta istellenbo­sch, yingakho ngenze ukwethembe­ka kuyona nanokuthi ngisafuna ukukhulisa ibhola lami kuyona. Akhona amakilabhu abengifuna kodwa lokho sekuwumlan­do manje, kungcono ngingakhul­umi ngawo.

“Ngijabule lapha futhi le kilabhu ihamba ngendlela efanele. Kakuzange kube nzima ukuba ngisayine, konke kwenzeke ngentokozo. Le nkontileka ingenza ngizizwe ngiphephil­e futhi ngintofont­ofo.

“Okufanele ngiku-lwele manje wukubuyela eqenjini lesizwe ibafana Bafana ngoba yiyona into engiyifisa­yo,” kusho ubasadien.

Omunye umdlali wale kilabhu naye owelule inkontilek­a ngusage Stevens ongunozint­i. Naye kuthiwa usayine ende kodwa yangadalul­wa ubude bayo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa