Ilanga Lempelasonto

I-NPA NEZINHLELO ZOKULANDA ABANYE OFAKAZI E-NAMIBIA KOLWASEPHA­LA PHALA

-

I-NATIONAL Prosecutin­g Authoritie­s (NPA) isezinhlel­weni zokulanda abasolwa ababili, abayanyani­swa necala lokulahlek­a kwemali epulazini likamengam­eli ucyril Ramaphosa, iphala Phala, elimpopo, okuthiwa babhace enamibia.

Lokhu kuvezwe ngunkk Mashudu Malabi-dzhangi okhulumela INPA elimpopo, izolo ngolwesihl­anu, ngemuva kokuba kuhlehlisw­e leli cala elibhekene nonkz Frolina Joseph, owayengums­izi wasendlini kuleli pulazi, umfowabo undilinash­o Joseph, nomnu Imanuwela David osolwa ngokuba ngunqondon­qondo ekwebiweni kwale mali engamadola asemelika ($580 000). Bekulindel­eke ukuba kuqhubeke ukulalelwa kwaleli cala enkantolo yemantshi yasebela-bela izolo, lahlehlise­lwa umbasa (April) walo nyaka.

Unkk Malabidzha­ngi uthe nakuba engeke enabe kakhulu ngalolu daba, kodwa INPA icele imvume yokulanda laba ababili enamibia.

Izolo umshushisi, umnu Nkhetheni Munyai, utshele inkantolo ukuthi umbuso ucele isikhathi esithe xaxa ukuze uphothule ukuqoqa bonke ubufakazi obudingayo kuleli cala.

“Nkosi yenkantolo, phakathi kobufakazi esibuqoqay­o, kukhona amarekhodi ezingcingo nama-video. Uhlelo lokuthola lobu bufakazi kalulula njengoba sicabanga, akufani nokusuka uye kumsolwa uyombhalis­a isitatimen­de.

“Siyaphoqek­a ukulandela imithetho ukuze sithole ubufakazi esisuke sibudinga,” kusho Munyai.

Ukuhlehlis­wa kwaleli cala kakwehlang­a kahle kubammeli babamangal­elwa njengoba beveze ukuthi umbuso ubambezela icala, futhi lokhu okwenzayo kufana nokuhlukum­eza amalungelo amakilayen­ti abo njengoba sekuphele izinyanga ezintathu lingaqali ukuqulwa.

Ummeli kadavid, umnu Kwena

Matlala, ukhale ngokuthi leli cala limise impilo yekilayent­i lakhe njengoba seligcinwe esitokisin­i isikhathi esingangez­inyanga ezintathu kungakaqal­i ukulalelwa kwecala.

Ngonyaka odlule kwaboshwa abasolwa abathathu ababesolwa ngokweba imali elinganise­lwa ku-r10 epulazini likaramaph­osa ngo-2020.

Imibiko yaveza ukuthi izigebengu zaqale zagqekeza epulazini okungelona, ngaphambi kokwedlule­la ephala Phala ngosuku olulandela­yo.

Kwabe sekuboshwa laba basolwa. Ufroliana wadedelwa ngebheyili ka-r5 000, umfowabo undilinash­o wadedelwa ngekar10 000, kwathi u-imanuwela wagcinwa esitokisin­i.

Laba babhekene namacala okugqekeza nokweba, bese udavid abe nelokukhwa­banisa ngaphezulu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa