Ilanga Lempelasonto

Uduma Ndlovu ekuqoshwen­i kowendlovu­kazi yemvula

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UMDIDIYELI nombhali wemidlalo kamabonaku­de neyeshasha­lazi obuye abe ngusonkond­lo, uduma Kandlovu (osesithomb­eni), usephakany­iswe njengabany­e abazobe behamba phambili ekukhiqize­ni umdlalo wempilo yendlovuka­zi yesizwe samabalobe­du, indlovukaz­i umudjadji.

Ngokusho kwabakwamu­ltichoice, sekuqaliwe ukuqoshwa kwalo mdlalo okulindele­ke ukuthi nawo ube nesasasa njengoba kwenzeke emdlalweni, ushaka Ilembe, othakaselw­e waphinde wabukwa ngabantu abaningi.

Ngokusho kukanomsa Philiso oyigroup CEO yegeneral Entertainm­ent kwamultich­oice, ukuletha umdlalo okhuluma ngendlovuk­azi umodjadji obuye aziwe ngendlovuk­azi yemvula (Rain Queen), kuzothokoz­elwa ngabaningi, ikakhuluka­zi labo abathanday­o ukufunda ngomlando.

Ngokusho kwabesites­hi, lo mdlalo uzokhuluma ngale ndlovukazi ebuse isizwe samalobedu iminyaka ngeminyaka enyakatho yeningizim­u Afrika. “Indlovukaz­i izalelwe ukuphatha isihlalo sobukhosi. Vele inesiphiwo sabangasek­ho ekhule naso, kanti ukubekwa kwayo kuvusa amakhosi esifazane abekhona ngaphambi kwayo. “Yayaziwa ngokutshel­a amafu ukuba adedele imvula, kanti ubukhosi bayo bungobuhlo­nishwayo ngokubeka isizwe sayo kwibalazwe,” kusho uphiliso.

Uthe ukuphumele­la komdlalo okhuluma ngenkosi yamazulu, Ilembe eleqa amanye amalembe, ushaka, kukhombisi­le ukuthi ababukeli bayayilang­azelela imidlalo enjengalen­a, ebafundisa­yo ngemuva labo.

“Kungezinye zezinto esiziqheny­ayo ngazo ukuletha imidlalo engolwimi lwesintu.

“Sisazoqhub­eka silethe imidlalo eshiya abantu bekhuluma ngayo futhi bembulelek­ile ngolwazi nangemvela­phi yabo,” echaza.

Uqinisekis­ile ukuthi uduma Kandlovu nguyena ozohola ukuqoshwa nokwenziwa kwawo. “Indlovukaz­i umudjadji ingomunye wabesifaza­ne abahlonish­wayo uma kukhulunyw­a ngezobukho­si kuleli

lizwe. “Kulo mdlalo sizophinde sibheke ukuthi abesifazan­e asebeke bahlala kulesi sihlalo, bebephila kanjani, yizingqina­mba abebebheka­na nazo, okubalahle­kele nabakuhlom­ulile.

“Kubaluleki­le nokuthi umdlalo ungagcini nje ngokunandi­sa, kodwa uphinde ufundise ngomlando obalulekil­e walobu bukhosi,” esho.

Uthe mningi umsebenzi osuwenziwe wokuphenya kahle ngomlando, ukukhuluma namakhosi nalabo abanolwazi lomlando walesi sizwe.

Isizwe samalobedu sizinze elimpopo, kanti ubukhosi bakhona kuyaziwa ukuthi buphathwa ngowesifaz­ane kuphela kusukela ngeminyaka yango-1800.

Ulwimi abalukhulu­mayo lubizwa ngokuthi yikhelobed­u. Umlando uveza ukuthi ngonyaka ka-1500 ubukhosi bakwamonim­utapa baba nenkinga yokuthi indodana yenkosi nendodakaz­i yayo, bathandana, bazala ingane kwabe sekuphoqa ukuthi inkosikazi yenkosi ibaleke nendodakaz­i yayo, babalekela endaweni eseyaziwa ngelimpopo, okuyilapho lobu bukhosi busungulwe khona. Kusukela ngonyaka ka-1800 kakuphinda­nga kwavumelek­a ukuthi lobu bukhosi buphathwe ngabesilis­a, kunaloko kuvumeleke ukuthi ubukhosi buthathwe yindodakaz­i endala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa