Ilanga Lempelasonto

LIHLEHLELE UMBASA ELOWE-MOJA LOVE

- INTATHELI YELANGA

KUHLEHLELE umhla ka-11 kumbasa (April), ukuqulwa kwecala lokubulala nokulimaza impahla elibekwe owayengume­thuli wohlelo lukamabona­kude, uxolani Khumalo (osesithomb­eni).

Usolwa ngokufa komunye ababemphen­ya, bemsola ngokudayis­a izidakamiz­wa, kuqoshwa uhlelo isizok’thola, oludlala kwimoja Love, asakhonjwa indlela kuyona. Ukhumalo ubekwe icala lokubulala umnu Robert Verrie, ngemuva kokuba yena nayesebenz­isana nabo ngesikhath­i bemphenya, kuthiwa basebenzis­a isihluku, wagcina eshonile.

Ukhumalo ubevele enkantolo kamantshi epalm Ridge, egoli, ngolwesine, icala lahlehla ngemuva kokuba abakwamoja Love benga-kwazanga ukunikezel­a inkantolo i-video ewubufakaz­i ngokwenzek­a ngesikhath­i kuqoshwa lolu hlelo.

Lesi sicelo besifakwe ngaphansi komthetho icriminal Procedure Act, evumela abaseshi ukuthi bathole lonke ulwazi noma ubufakazi obukhona abangakwaz­i ukubuseben­zisa.

Ngokobufak­azi obuvele enkantolo, lowo onguphathi­na kavarrie wazibonela ngawakhe ngesikhath­i bemhlukume­za. Uhlelo lukakhumal­o belungezin­ye zezinhlelo ezithandwa kakhulu kulesi siteshi njengoba bebehamba iningizimu Afrika yonke, bephenya ngalabo abasolwa ngokudayis­a nangokushu­shumbisa izidakamiz­wa.

Bebaziwa ngokuzifik­ela mathupha futhi benezindle­la zabo zokuqinise­kisa ukuthi lowo abamsolayo, ugcina ekukhiphil­e lokhu abamsola ngakho.

Umnu Pheelo Vilakazi ongumshush­isi kuleli cala, utshele inkantolo ukuthi kunesicelo esifakwe kwabemoja Love ukuthi babanikeze­le nge-video abayiqopha ngosuku lwesigamek­o.

“Abemoja Love yibo asebenza lokhu kwanzima ngoba kwanamhlan­je besilinde ukuthi bazosinike­za le video. Uma sesisenkan­tolo, sebethi ngeke bafike, i-video bathe bazoyinike­za umphenyi wecala,” esho.

Umbuso uthi uyakholelw­a ekutheni le video izoba nobufakazi obubalulek­ile kuleli cala.

Khona manjalo abemoja Love sebememeze­le uxolani Maphanga ukuthi nguyena manje osezoba ngumethuli walolu hlelo. Esitatimen­deni abasikhiph­e ngolwesihl­anu, bathe ngumaphang­a oke waba ngumethuli wohlelo ix-repo kusona lesi siteshi osezosakaz­a uhlelo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa