Abhekene nengwadla amaphoyisa 'aholelwa imali yamathwasa'
ABHEKENE nengwadla amaphoyisa osekuphele unyaka esebenza ngokugcwele kodwa asahola imali etholwa ngabasaqeqeshwa ekolishi. Inqwaba yamaphoyisa asanda kuqala embuthweni, ibhekene nenkinga njengoba sekuphele unyaka ehola imali etholwa ngamaphoyisa asaqeqeshwa ekolishi ewu-r4 500 ngenyanga, yize esesebenza ngokugcwele eziteshini.
lithole ukuthi la maphoyisa agcwele eziteshini ezahlukene Kwazulu-natal, nakwezinye izifundazwe akhona, abhekene nale nkinga. Ngokophenyo lwaleli phephandaba, lawa maphoyisa asebenza ngisho nangamaholide kodwa kawayitholi imihlomulo yalokho.
Phakathi kwezinkinga abhekene nazo kubalwa, ukungakhokhelwa imali yobungozi (Danger Allowance), wukusebenza ngamaholide angakhokhelwa nokuholelwa imali ewur4 500 ngenyanga, yize esesebenza ngokugcwele.
Umthombo uthi inzima impilo kulawa maphoyisa njengoba engaholelwa ngendlela.
“Lezi zingane sezinesikhathi zisebenza emaphoyiseni, ziqashwe ngokugcwele. Zaya ekolishi zaphothula ukuqeqeshwa, zathunyelwa eziteshini ezahlukene seziyoqala umsebenzi wazo. Kuthe sekumele zihole, kwangena u-r4 500, ebeziwuthola zisasekolishi, okuyimali etholwa umuntu ongakabi yiphoyisa ngokugcwele. “Ziqale ukubika udaba lwazo ngemuva konyaka, zibona umholo wazo unganyuki. Udaba lubikiwe eziphathimandleni kodwa akukho okushintshayo njengoba namanje zisahola le mali engekho,” kusho umthombo ongaphakathi emaphoyiseni.
Amaphoyisa akhulume naleli phephandaba kodwa angeke adalulwe ukuwavikela, aqinisekisile ukuthi ahola u-r4 500 ngenyanga.
“Kunzima umuntu uyasebenza njengawo wonke umuntu, kodwa ekupheleni kwenyanga sithole le mali encane. Sesiyasebenza nje ngoba siyawuthanda umsebenzi wethu. Sizobekezela ngoba umsebenzi sizinikele kuwona,” kusho iphoyisa.
Unkz Nthabeleng Molefe ongunobhala wepopcru Kwazulu-natal, uthe lolu daba luyaziwa futhi luyasetshenzwa. “Siyazi ngale nkinga futhi sinalo nohlu lwamagama amaphoyisa abhekene nayo. Udaba lusehhovisi elikhulu kuzwelonke, okuyibo abalusebenzayo kanti zikhona nezingxoxo ezikhona nomqashi,” kusho yena Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke ubrigadier Athlenda Mathe uthe ngokwamarekhodi abo, wonke amaphoyisa aqashwe ngokugcwele athola imali ephelele. Ube esecela ukunikezwa imininingwane egcwele yamaphoyisa athintekayo ukuze bezolulandela udaba.