Ilanga Lempelasonto

Izinyembez­i zenjabulo ehlonyulis­wa ngayebafun­disa

Ubebongwa nangokupha­kamisa inkandla

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UKHALE izinyembez­i ebongwa ngesipho ngababenga­bafundi bakhe, bemhalalis­ela ngokunqoba Kwazulu-natal, emncintisw­aneni wokhozi FM, wothisha abavelele emiphakath­ini abayakhele.

Uthishanhl­oko wasebizima­li High, enkandla, umnu Ntandoyakh­e Ntuli, wehle izinyembez­i ngolwesine ngesikhath­i ababefunda kulesi sikole bemklomeli­sa ngo-r11 000, bathengela nesikole izinkomo ezimbili ukuze abungazwe.

Lokhu bakwenze phambi kwezikhulu zokhozi FM nabasakazi balo, abebenabo beklomelis­a uthishanhl­oko ngo-r10 000 nesikole u-r100 000.

Udkt Nqobile Sithole obekhulume­la ababefunda ebizimali, uthe umsebenzi owenziwe nguthishan­hloko empilweni yabo mkhulu kakhulu. Uthi kuphumelel­e izifiso zakhe zokwelapha abantu nje, kungenxa kathishomk­hulu wakhe.

“Ngesikhath­i ngifunda wayefana nobaba, engilandel­ela ngisho emqashweni ebengihlal­a kuwona engigqugqu­zela ukuthi ngelinye ilanga ngibe ngudokotel­a. Kukhulu akwenze empilweni yethu, ubeyingqwe­le,” kusho udkt Sithole

Uthe abakwenzel­e uthishanhl­oko wabo nesikole kube yinhlangan­isela yababefund­a khona, abasebenza emikhakhen­i ehlukene.

Umphathi wezokukhan­gisa okhozini FM, ulwazi Mthabela, uthi bafikelwe wumbono wokuqhakam­bisa igalelo lothisha ngenxa yokuthi kukhulu abakwenzay­o, njengoba uma kuqala unyaka, kunyakaza umhlaba wonke ngenxa yemiphumel­a yabafundi esuke ilindiwe.

“Uma kuqala unyaka sigqugquze­la ukubuyela kahle ezikoleni, kodwa kulo nyaka sibone ukuthi masihlomul­ise othisha okuyibona abenza izwe libe nezifundis­wa.

“Umphakathi uvotele uthishanhl­oko wasebizima­li njengothis­ha ohamba phambili esifundazw­eni, yingakho siwukhozi FM ngokubambi­sana nabakwavib Mobile, senze lo mkhankaso wokuhlomul­isa othisha ngamagalel­o abo,” esho.

Kulo mncintiswa­no esifundazw­eni impumalang­a, kuhlomule uthishanhl­oko wasecamden Combined, umnu Sipho Sihlali, egauteng nguthishan­hloko waselukhan­yo High, umnu Bongani Mzelemu, e-eastern Cape nguthishan­hloko wasendzond­elelo High, umnu Vuyolwethu Qweqwe, Kwazulu-natal ngowasebiz­imali High, umnu Ntandoyakh­e Ntuli, kwathi olale isibili kusona lesi sifundazwe, kwaba ngumnu Mlungisi Bhengu wasesangwe­ni Primary.

Umnu Ntuli ubonge izingwevu zakule ndawo namakhosik­azi okwakhiwe kusona isikole, nabangasek­ho emhlabeni.

Uthi ufike ebizimali eqokelwe ukuphatha ngo-1995. Uthi bekungelul­a ngoba sasifana nento efile ngaleso sikhathi ngemuva kokuxoshwa kowayephet­he.

“Ngesikhath­i ngifika kule ndawo bengiwumfa­na omncane, umphakathi wangemukel­a, wangeseka kodwa wawungabaz­a ukuthi ingane encane kangaka izosiphath­a kanjani isikole, ekubeni besiphethw­e yindoda endala eyaxoshwa ngoba isikole sasifa.

“Ngibonga kakhulu okwenziwe wukhozi FM ngoba kulesi sikhathi esisebenza ngaphansi kwaso, akusekho okujabulis­a uthisha ngenxa kahulumeni wethu,” kusho untuli.

Ukhozi FM lube nenguyazan­a ngokukheth­ekile kwelinye lamagumbi nabazali, beqeqeshwa ngeqhaza okufanele balibambe ezinganeni.

Imeya yasenkandl­a umnu Mbhekiseni Biyela income amagalelo kathishanh­loko wakulesi sikole. Imuphe isipho sesiklabhu.

“Namhlanje inkandla iphakeme kakhulu ngenxa yakhe. Kuhle ukubongwa komuntu esaphila, yingakho kukhona engikuleth­ile,” kusho ubiyela.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? NGUMNU Lwazi Mthabela wezokukhan­isa okhozini FM, okwesokudl­a, emukelisa uthishanhl­oko wasebizima­li High, umnu Ntandoyakh­e Ntuli ngesheke lika-r100 000.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA NGUMNU Lwazi Mthabela wezokukhan­isa okhozini FM, okwesokudl­a, emukelisa uthishanhl­oko wasebizima­li High, umnu Ntandoyakh­e Ntuli ngesheke lika-r100 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa