Ilanga Lempelasonto

USAZOGQUNY­WA ESITOKISIN­I OSOLWA NGOKUBULAL­A OWE-IFP

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

KAKUKHONA okokuqala lithinteka ecaleni lokubulala ibhungu eliyanyani­swa nezinsolo zokubulala umnu Mthokozisi Sithole (36) obengunobh­ala WEIFP ngaphansi kwesiyingi imbabazane, emtshezi.

Umnu Sithembiso Xulu (22) ubevele enkantolo yemantshi emtshezi izolo ngolwesihl­anu.

Bekulindel­eke ukuba afake isicelo sokudedelw­a ngebheyili, kodwa sahoxiswa ngemuva kokuba ummeli wakhe amthole ngosizo lukahulume­ni, eveze ukuthi kuseneminy­e imininingw­ane afuna ukuyithola ekilayenti­ni lakhe.

Uxulu utshele inkantolo ukuthi akaqali ukuthintek­a ecaleni lokufa komuntu ngesibhamu, kulandela iphutha elamehlela eminyakeni emibili eyedlule, ngesikhath­i ephethe isibhamu, okwathi engazelele, kwadubulek­a umuntu washona emuva kwalokho, kwasolakal­a ukuthi nguyena.

Ngaphandle kwenkantol­o bekukhona amalungu omndeni, awomphakat­hi naweqembu, abecula izingoma zomzabalaz­o

ezisheba ngezaga neziqubulo ezigadla kumbulali kasithole.

Ekhuluma naleli phephandab­a umnu Mduduzi Myeza, ongumholi WE-IFP esiyingini imbabazane, ophinde abe yimeya kumasipala Inkosi Langalibal­ele, uthe ubuholi namalungu eqembu bazoqhubek­a nokuhambel­a kule nkantolo kuze kufikwe esiphethwe­ni salolu daba.

Uthe kabanankin­ga nomsolwa oboshiwe, kodwa bafuna agonyuluke iqiniso linjengoba linjalo lokuthi wayenobani ebulala

usithole futhi babethunyw­e ngubani.

“Kuyasishaq­isa ukuthi kunabanye abaholi beqembu ikakhuluka­zi amakhansel­a, abangakaze bavele lapha ekubeni kulele umholi. Iyakhathaz­a le nto yokubulawa kwabaholi beqembu lapha emtshezi.

“Umsolwa oboshiwe ngumfana owaziwayo endaweni futhi besingakul­indele ukuthi angakhipha isidumbu somuntu ngesibhamu emphakathi­ni,” kuphetha umyeza.

 ?? ?? NGUSITHEMB­ISO Xulu oyanyanisw­a nezinsolo zokudubula abulale umnu Mthokozisi Sithole owayenguno­bhala WE-IFP, embabazane, emtshezi.
NGUSITHEMB­ISO Xulu oyanyanisw­a nezinsolo zokudubula abulale umnu Mthokozisi Sithole owayenguno­bhala WE-IFP, embabazane, emtshezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa