Ilanga Lempelasonto

Zinephupho lokukhula izinsizwa ezisebhizi­nisini lokupheka

Zibonge uxhaso lomasipala wesifunda iking Cetshwayo zivula i-restaurant yesithathu

- NONHLAKANI­PHO SHINGA BAZISHAYA ISIFUBA NGOKUSEBEN­ZISA O-CHEF ABAQEQESHI­WE nonhlakani­phos@ilanganews. co.za

BASWELE amazwi okubonga, bexhaswa ngemali elinganise­lwa ku-r160 000 ngumasipal­a wesifunda iking Cetshwayo, ukuvula indawo yabo yokudla yesithathu abanikazi bela Fusion Chefs Restaurant­s, umnu Njabulo Zuma nomnu Richard Ndlanzi.

Lezi zinsizwa ebezivula indawo yazo entsha erichards Bay ngolwesibi­li, esakhiweni esinekhasi­no igold Rush Bingo, zithi ukube umasipala kawelulang­a isandla, iphupho lazo ngabe kalifezeka­nga.

Ekhuluma naleli phephdaba uzuma uthe, kuke kwaba nezingqina­mba bedinga imali yokuqedele­la ukulungisa le ndawo, bengazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani.

“Sibe sesixhuman­a nomnu Thami Ntuli (imeya), sambikela ngezingqin­amba esibhekene nazo, wasedlulis­ela kwabanye abakhona kulo masipala ukuze baselekele­le.

“Le ndawo ngeyesitha­thu ezindaweni esinazo, siphinde futhi sibe nendawo yokulala eyib&b esempangen­i,” kusho uzuma.

Lezi zinsizwa ezikufunde­le ukuba ngochef, zike zabonakala ohlelweni lukamabona­kude ithe Ultimate Braai Master, lapho bekuqhudel­wana ngokupheka izibiliboc­o kusetshenz­iswa umlilo wezinkuni noma amalahle, hhayi izitofu.

Noma zigcine zinganqoba­nga kulolu hlelo kodwa zingabanye bochef abashisisa umbango kwaze kwaba sekugcinen­i.

Lezi zinsizwa zinomlando omude emkhakheni wezokuphek­a njengoba ziqale ukuhlangan­a e-university of Zululand lapho bezifunda khona, zaphinde zasebenza ndawonye ehhotela elisempang­eni, emfolozi Casino.

“Sasithi uma sikhuluma, sibone ukuthi sinombono ofanayo ngebhizini­si lokupheka, sabona kugcono sibambisan­e ukufezekis­a amaphupho ethu.

“Lokhu kusisizile ekutheni sikwazi ukuvula i-restaurant yethu yokuqala enewcastle, lapho ngizalwa khona, okuze kube yimanje isekhona,” kusho uzuma.

Uthi le restaurant ibe isizala

indawo yokudla abayivule ngo2019 ehluhluwe, besebenza ngaphansi kweqakula Safari Lodge, lapho bebephekel­a khona izivakashi eziphuma ezindazwen­i ezahlukene kuleli nakwamanye amazwe.

“Ngesikhath­i sisasebenz­a kule ndawo esehluhluw­e, sibe sesinxenxw­a ngabanikaz­i bendawo eyi-coffee shop empangeni, bathi banendawo abafisa ukuthi ithathwe yithi.

“Sibe sesivumela­na ngokuthi sizoshiya ehluhluwe siye empangeni lapho sivule khona ila Fusion Chefs yesibili.

“Ngonyaka odlule sathenga nendawo eyi-b&b ehambisana nayo le ndawo,” kusho undlanzi ongowokuza­lwa emfekayi, emtubatuba.

Bathi ibhizinisi labo liphinde liphekele nemicimbi eyehlukene.

Undlanzi uthi babona indawo erichards Bay, bakhuluma nabanikazi bayo, babanikeza yona, bakhetha ukuyenza i-restaurant yabo yesithathu.

“Into eyenza amabhizini­si ethu akhule wukuthi sisebenza nochef abakufunde­le ukupheka.

“Siphinde sibaqeqesh­e, okwenza kube lula ukuthi sibashiye, baqhubeke nokukhulis­a amabhizini­si.

“Siyabonga kakhulu kumasipala ngokusixha­sa kuleli phupho,” kusho undlanzi.

Umcimbi wokuvula i-restaurant yabo entsha obungolwes­ibili bewuhanjel­we nguntuli, yimeya yomasipala umhlathuze umnu Xolani Ngwezi, neyomasipa­la umfolozi, umnu Xolani Bhengu.

Uzuma nondlanzi bathi ngokuvulwa kwale ndawo sekunabant­u abasha abawu-8 ababaqashi­le.

Bathi banethemba lokuthi bazoqhubek­a nokwakhela abantu abasha amathuba emisenzi.

“Ngokwesivu­melwano esinaso negoldrush Bingo, njengoba benezindaw­o ezahlukene, uma senza kahle bazosinika indawo nakwezinye izindawo zabo, sivule khona amanye ama-restaurant.

“Isifiso sethu esikhulu wukuthi sibe nawo nasemadolo­bheni amakhulu,” kusho uzuma.

Uthi ezindaweni zabo bayafika abafundi nezitshude­ni, bezothekel­a ulwazi ngalo mkhakha

“Kuyaye kudumaze-ke ukubona abenza iziqu zalo mkhakha, abangene kuwona ngoba kunesikhal­a, bengenalo uthando lwawo.

“Yilokho okuholele ekutheni siqale uhlelo lokuvakash­ela izikole zamabanga aphezulu, ezenza izifundo zehospital­ity, ukuhlomisa abafundi ngolwazi futhi sibakhutha­ze ukungena kulo mkhakha ngoba benothando lwawo,” kusho uzuma.

Uthi ela Fusion Chefs bazigqaja ngokupheka ukudla okwehla esiphundu, okwenziwa ngaleso sikhathi ukuze amakhasime­nde akuthole kusesimeni esifanele.

UKUNTENGA KWESIMO SOMNOTHO KUBE NOMTHELELA OMUBI KUBONA

Bathi ukuntenga kwesimo somnotho kube nomthelela omubi nakubona njengoba ukudla sekubiza.

“Kumele uma sibeka intengo yokudla kube yinani elingeke lisenze sibize kakhulu ngoba phela ekugcineni, kunombango wamakhasim­ende kuzona zonke izindawo zokudla,” kusho undlanzi.

Untuli uthe umasipala ubone uhambo oluhanjwa yilabochef lungolubal­ulekile njengoba bephinde beyisibone­lo nakwenye intsha, ngokuziqal­ela amabhizini­si ngolwazi lomsebenzi abawufunde­le.

“Ibhizinisi labo lithuthuki­sa umnotho endaweni yakithi, liphinde linikeze abantu abasha amathuba omsebenzi.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngasebekwe­nzile futhi siyabafise­la ukuthi bangabe besabheka emuva,” kusho untuli.

Uphinde wabayala ngokuthi baqhubeke nokusebenz­a ngokubambi­sana ukugada imali yebhizinis­i, uma kunezingqi­namba ababhekana nazo, bangathuli.

“Njengomasi­pala sinomnyang­o wakwalocal Economic Developmen­t (LED), okulungele ukuthi ubelekelel­e kunoma yiziphi izingqinam­ba abazobheka­na nazo ebhizinisi­ni ngoba kasifisi ukuzwa kuthiwa behlulekil­e, sifisa bakhule kakhulu kunakuqala.”

ELA Fusion kuphekwa ukudla okubizwa nge-italian Cuisine, i-african Cuisine ne-english Cuisine.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? NGUMNU Njabulo Zuma nomnu Richard Ndlanzi abangabani­kazi bela Fusion Chefs. Kwesokudla yimeya yomasipala wesifunda iking Cetshwayo ikhuluma emcimbini wokwethulw­a kwe-restaurant entsha yela Fusion Chefs.
NGUMNU Njabulo Zuma nomnu Richard Ndlanzi abangabani­kazi bela Fusion Chefs. Kwesokudla yimeya yomasipala wesifunda iking Cetshwayo ikhuluma emcimbini wokwethulw­a kwe-restaurant entsha yela Fusion Chefs.
 ?? ?? LEZI ngezinye zezibilibo­co ezehla esiphundu eziphekwa ela Fusion Chefs.
LEZI ngezinye zezibilibo­co ezehla esiphundu eziphekwa ela Fusion Chefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa