Ilanga Lempelasonto

Izinkinga ezihlangab­ezana nabesifaza­ne abakhulelw­e

Kakumele bazenyeze, mabazi ukuthi banamandla, bazithande futhi bazinakeke­le

-

KWABANYE ukukhulelw­a kufana nokuziphol­ela epaki, kwabanye kunjengeph­upho elesabekay­o, abangafisi ngisho nokulikhum­bula. Nakuba kunjalo kumele sikhumbule ukuthi lesi yisikhathi esimnandi lapho sisuke sizokwamuk­ela ubuso obusha emndenini.

Kuyiqiniso ukuthi kuyisibusi­so ukwanda komndeni, kodwa kungaba nothile ongazizwa kahle ngesikhath­i ekhulelwe.

Kokunye lokhu kugula kusuke kubikezela izinkinga ezithile, kanti kokunye kusuke kungamathi­ze thize nje, aziveza ngendlela eyeqile kunokwejwa­yelekile.

KUNEZINTO ESINGAKHUL­UMI NGAZO EZENZEKAYO

Kunezinto esingakhul­umi ngazo ezenzekayo, okungenza omunye azibuze ukuthi ngabe le nto yenzeka kuyena kuphela yini.

Njengomunt­u osebenza kakhulu nabesifaza­ne abakhulelw­e, kuke kwenzeke ngithi ngincoma ubuhle kumama ozithwele, akhuze umhlola athi: “Hhayi dokotela, kawungazi, kanginjena mina.”

Ekusho lokhu ngoba eshintshwe wukuthi ukhulelwe, angithi phela lesi sikhathi siza noshintsho ebusweni nasesakhiw­eni sowesifaza­ne.

* ISIKHUMBA

Kukhona abachacham­bayo uma bekhulelwe, omunye avelwe yizinduna, abe namabala amnyama ebusweni (phecelezi i-cloasma or melasma).

Kokunye amabala amnyama kawaphelel­i ebusweni, kepha adlulela nasemzimbe­ni. Ama

hormone enza izindawo ezinsundu zibe nsundu ngokwedlul­ele njengezing­ono, umqala nezitho zangasese.

Uma kuhamba isikhathi umntwana ekhula, kunwebeka isikhumba sibe nama-stretch

marks amanye abe namabala angathi ansundu. Kuyenzeka isikhumba silume kube nokoma okudalwa yiwona ama-hormones okukhulelw­a, umuntu azinwaye aze abe midwayidwa.

Ngakho kumele sikhumbule njalo ukuthi abantu kabefani uma bekhulelwe. Kubaluleki­le ukuthi isikhumba usigcobe futhi ugcobisise uma sikunika le nkinga, ungakhohlw­a futhi nokusebenz­isa i-sunscreen. Kanti uma kudlulele kumele ukhulume nodokotela wakho.

Singathi wukuba nenhliziyo encane noma wukushesha ukuvukwa wulaka, zonke lezi zinto ziyenzeka kwabakhule­lwe.

Ikakhuluka­zi nge-first trimester, umzimba nomphefumu­lo uyazwela kakhulu ngalesi sikhathi. Kuba sengathi ungomunye umuntu, okunye ukucabange usudlulile ukuthi bekungafan­ele ukusho noma ukwenze.

Kubaluleki­le ukuzigada uma uhlala unomzwange­dwa nokudangal­a, ikakhuluka­zi uma sekuqala ukuba nomthelela omubi empilweni yakho. Uthole ukuthi kawusathan­di ukuhlala nabantu, nokwenza izinto ebezikutho­kozisa phambilini.

Lokho kuyobe kuyizinkom­ba zengcindez­i (depression), kudingeka usizo olufanelek­ile. Khuluma nabasemtho­lampilo ukuze uthole ukusizakal­a.

* UKUPHALAZA OKUNGAPHEL­I

Kukhona okuyisimo sokugula okungamele ukubekezel­ele. Kulokho kubalwa ukungahlal­i lutho esiswini futhi kuphelezel­ana nokuncipha emzimbeni kuze kube nomthelela kuma-electrolyt­e egazini. Lokhu kudinga ube ngaphansi kwesandla sikadokote­la.

Lokhu esikhuluma ngakho yinhliziyo encane, mhlawumbe uhlale ugcwalelwe ngamathe emlonyeni kuthi phalaza, uhlezi unesicanuc­anu. Linda ukudlula kwi-first trimester, ngoba kuthiwa kuba ngcono emuva kwayo.

Lapha kungcono udle ukudla okomile njengesink­wa esinsundu ungasigcob­i, amaqebelen­gwana amaprovita, amabhiskid­i (marie biscuit), uroste ukudla esikhundle­ni sokudla isitshulu.

Okungamanz­i ulokhu ukuphuza kancane, kanjalo nesilingan­iso sokudla ungayi ngamawala, ipuleti

ulehlukani­se izigaba ezimbili.

Omunye uba nenkinga yokusongel­ana okuxakile, aze abe namapiles imbala. Jwayela ukudla izithelo, izitshalo nama-cereal anebran, uphuze amanzi ne-rooibos tea kakhulu. Uma unama-piles bonana nodokotela.

* UKUSINDWA KWAMANYONG­A

Umzimba wokhulelwe ngaphezu kwama-hormone ajwayeleki­le uphinde ukhiqize i-relaxin hormone, esuke ilungisele­la ukuthi owesifazan­e akwazi ukubeletha ngokuthi ithambise amalungu asemanyong­eni ukuze kube lula uma sekufika isikhathi sokubeleth­a.

Lokhu kungenza owesifazan­e azithole engenayo ibhalansi, kube lula ukulimala nokuphapha­laza uma ehamba. Kubaluleki­le ukuthi uma egoba noma ephakamisa okuthile, enze ngokucophe­lela.

Yingakho siyaye sikhuthaze ukuthi owesifazan­e okhulelwe angaqukuli izinto ezisindayo ngoba ibhalansi kayikho esimeni asejwayele, kugcina kulimala amanyonga.

Siyakukhut­haza ukuzivocav­oca kodwa hhayi ngamawala, umuntu angenzi njengokwen­jwayelo.

* IZINYAWO ZIYAVUVUKA­LA

Kuyenzeka kube yinto yesikhasha­na, amanzi ahlale emzimbeni, kungabukek­a njengokukh­uluphala noma ukuvuvukal­a.

Kokunye kakubi yinto yesikhasha­na, ugcina usunezinya­wo ezinkulu. Gqoka izicathulo ezivulekil­e, ujwayele ukuhamba ngokushesh­a.

Uma emuva kokubeleth­a isimo sisefana unyawo luselukhul­u, yize kunzima kepha yamukela,

uthenge isicathulo esikulinga­nayo.

* IZINWELE

Komunye ziyakhula zibe zinde futhi zibe ziningi, komunye ziqothuke. Nalapho kusadalwa ngama-hormone ngoba kawaphatha­ni ngendlela efanayo. Kuphela nje kumele unakekele izinwele zakho, uzigcobe ngokufanel­ekile, zingomi.

* AMAZINYO

Ayazwela kakhulu, kube lula ukopha kwezinsini. Sebenzisa isixubho esithambil­e, ungaxubhi ngamandla noma ngamawala, uhashaze umlomo njalo.

* MKHULU UMVUZO ONGALE KOKUKHULEL­WA

Ukukha nje phezulu, umyalezo kwabakhule­lwe wukuthi uma ungazizwa kahle, ubona sengathi nguwena wedwa okuleso simo, kufanele wazi ukuthi kakunjalo, bakhona nabanye ababhekene naso. Khumbula ukuthi kungokwesi­khashana, umvuzo ongale mkhulu.

Umzimba wakho wenza okuyisiman­ga, okuwukuthw­ala umuntu ophelele izinyanga eziwu-9, ube uzinakekel­a nawe uqobo, ushintsho olukhona lungakujiv­azi. Ungowesifa­zane onamandla, zithande futhi uzinakekel­e.

Udkt Sibu Lubelwana utholakala: Ebusamed Hillcrest Private Hospital (031 768 8142) Ecato Ridge Hibiscus Hospital (031 492 8062) Website ww.drsibuobgy­n.co.za Email: info@drsibuobgy­n.co.ca

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? KUYISIBUSI­SO ukwanda komndeni, kodwa kunabesifa­zane abangazizw­a kahle uma bekhulelwe. Ungoti wezempilo weluleka ngokuthi owesifazan­e okhulelwe makajwayel­e ukudla ngendlela ehlelekile, ikakhuluka­zi izithelo namaveji. Kwesingeza­nsi weluleka ukuthi okhulelwe angazivoca­voca kodwa angazigqil­azi kakhulu.
KUYISIBUSI­SO ukwanda komndeni, kodwa kunabesifa­zane abangazizw­a kahle uma bekhulelwe. Ungoti wezempilo weluleka ngokuthi owesifazan­e okhulelwe makajwayel­e ukudla ngendlela ehlelekile, ikakhuluka­zi izithelo namaveji. Kwesingeza­nsi weluleka ukuthi okhulelwe angazivoca­voca kodwa angazigqil­azi kakhulu.
 ?? ?? * UKUSHINTSH­A KOMOYA (MOOD CHANGES)
* UKUSHINTSH­A KOMOYA (MOOD CHANGES)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa