Iyajabhisa eyobunuku bezivakashi ezihambela amabhishi etheku
MHLELI: Iyajabhisa indlela esibuye siziphathe budlabha ngayo singabantu abampisholo emabhishi asethekwini.
Sijwayele ukukhala ngobunuku obuxakile emigwaqweni eminingi yaleli dolobha njengoba eminye yayo ihlale ixhutha indle egeleza imihla namalanga, kubalwa nasemgwaqweni omkhulu osenkabeni yaleli dolobha, upixley kaseme (West Street) uma usanda kweqa irobhothi lasemathuneni ubheke ngasebhishi.
Ngikuyaqonda impela ukuthi lokhu kudinga umasipala ukuba ukusukumele akulungise, ngoba kusuke kuqhume izitamkoko zawo. Kodwa ngiyakhala ngobunuku obenziwa ngabanye bethu emabhishi akuleli dolobha.
Kunemigqomo ebekelwe udoti emapaki ahlukene agudle amabhishi etheku kodwa kunabantu abangazihluphi nje ngokuwufaka phakathi (udoti).
Ufica inqwaba yamabhodlela otshwala ishiywe phezu kwezihlalo zikasimende ezakhelwe izivakashi ukuba zihlale khona uma ziyochitha isizungu kula mapaki.
Uvele uzibuze ukuthi yinuku elinjani leli elenqena ukufaka amabhodlela emgqonyeni ngoba yabekwa yaba miningi kulezi zindawo?
Kokunye uhlangana nala mabhodlela ebulewe lapho okujwayele ukugijima khona abantu ekuseni nantambama ukuzama ukugcina imizimba yabo iqatha.
Uzibuze nje ukuthi ngoba utshwala kabuphuzwa yizingane ezincane ezingakakhuli kahle ngokomqondo, pho ngubaba kabani noma ngumama kabani lo osuka kubo noma kwakhe ayongcolisa ipaki elihanjelwa ngabantu abehlukene?
Kumele sikhuzaneni phela uma kwenzeka sizithola sihambisana namanuku ukugcina izindawo esithanda ukuzivakashela zihlanzekile.
Ngiyazi ukuthi bakhona abaqashelwe ukuhlanza lezi zindawo kodwa kuyinhlonipho ukushiya indawo isesimweni osifice ikusona ukuze nolandelayo ezokuthokozela ukuyisebenzisa ngesikhathi ingakahlanzwa. Okunye okuphoxayo okwenziwa yithina ndlu emnyama yilezi zinkukhu ezilahlwa esihlabathini solwandle namakhandlela amanye awo asuke ehlonywe izinaliti. Ngifisa sengathi bekungaba nomthetho oqinile wokuthi abafuna ukwenza lezi zinhlelo zabo zokwelapha bangaya kuziphi izingxenye, futhi nakuzona kube nemithetho ukunqanda ubunuku obungenasidingo.