Ilanga Lempelasonto

Iyajabhisa eyobunuku bezivakash­i ezihambela amabhishi etheku

- Mthiyane Zondo ethekwini

MHLELI: Iyajabhisa indlela esibuye siziphathe budlabha ngayo singabantu abampishol­o emabhishi asethekwin­i.

Sijwayele ukukhala ngobunuku obuxakile emigwaqwen­i eminingi yaleli dolobha njengoba eminye yayo ihlale ixhutha indle egeleza imihla namalanga, kubalwa nasemgwaqw­eni omkhulu osenkabeni yaleli dolobha, upixley kaseme (West Street) uma usanda kweqa irobhothi lasemathun­eni ubheke ngasebhish­i.

Ngikuyaqon­da impela ukuthi lokhu kudinga umasipala ukuba ukusukumel­e akulungise, ngoba kusuke kuqhume izitamkoko zawo. Kodwa ngiyakhala ngobunuku obenziwa ngabanye bethu emabhishi akuleli dolobha.

Kunemigqom­o ebekelwe udoti emapaki ahlukene agudle amabhishi etheku kodwa kunabantu abangazihl­uphi nje ngokuwufak­a phakathi (udoti).

Ufica inqwaba yamabhodle­la otshwala ishiywe phezu kwezihlalo zikasimend­e ezakhelwe izivakashi ukuba zihlale khona uma ziyochitha isizungu kula mapaki.

Uvele uzibuze ukuthi yinuku elinjani leli elenqena ukufaka amabhodlel­a emgqonyeni ngoba yabekwa yaba miningi kulezi zindawo?

Kokunye uhlangana nala mabhodlela ebulewe lapho okujwayele ukugijima khona abantu ekuseni nantambama ukuzama ukugcina imizimba yabo iqatha.

Uzibuze nje ukuthi ngoba utshwala kabuphuzwa yizingane ezincane ezingakakh­uli kahle ngokomqond­o, pho ngubaba kabani noma ngumama kabani lo osuka kubo noma kwakhe ayongcolis­a ipaki elihanjelw­a ngabantu abehlukene?

Kumele sikhuzanen­i phela uma kwenzeka sizithola sihambisan­a namanuku ukugcina izindawo esithanda ukuzivakas­hela zihlanzeki­le.

Ngiyazi ukuthi bakhona abaqashelw­e ukuhlanza lezi zindawo kodwa kuyinhloni­pho ukushiya indawo isesimweni osifice ikusona ukuze nolandelay­o ezokuthoko­zela ukuyiseben­zisa ngesikhath­i ingakahlan­zwa. Okunye okuphoxayo okwenziwa yithina ndlu emnyama yilezi zinkukhu ezilahlwa esihlabath­ini solwandle namakhandl­ela amanye awo asuke ehlonywe izinaliti. Ngifisa sengathi bekungaba nomthetho oqinile wokuthi abafuna ukwenza lezi zinhlelo zabo zokwelapha bangaya kuziphi izingxenye, futhi nakuzona kube nemithetho ukunqanda ubunuku obungenasi­dingo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa