Ilanga Lempelasonto

Ubona umqansa omhlalele ocija injejane yepirates

- NHLANHLA HUDLA

UMQEQESHI weorlando Pirates Reserves ujoseph “Dukuduku” Makhanya (osesithomb­eni) ukubona kuzokuba wumqansa ukubuya namaphuzu aphelele ekuhambeni uma sebebheken­e nenjejane yeroyal AM kowedstv Diski Challenge (DDC) namuhla ngomgqibel­o ngo-12h00 eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Umakhanya - osembangwe­ni ovuthayo wokususa injejane yesundowns esicongwen­i, ngesikhath­i bakhe.

Uthi inkinga enkulu wukuthi injejane ye-am iyavutha.

“I-AM igabe ngabadlali abahle kakhulu, abasizwa wukubuye bajime nesikwati esikhulu,” esho.

Uthi bayawading­a la maphuzu njengoba kucinene utshumo phezulu.

“Kusasele imidlalo cishe ewu-12 kusongwe isizini. Abadlali bami kufanele bazibambe ziqine,” esho.

Lo mqeqeshi ubuye wathembisa abalandeli bebucs ukuthi ubona lesi sikwati anaso kusazophum­a abanye abadlali abazokuba wuhlupho kwidstv Premiershi­p bahambe ezinyathel­weni zikarelebo­hile Mofokeng (19) oseqalile ukugila izimanga esikimini esikhulu.

Uncome umofokeng ngokuzipha­tha kahle, wathi uyahloniph­a futhi umbona ezokuya kude kunobhutsh­uzwayo.

* Komunye umdlalo okhona WEDDC esifundazw­eni, injejane yamazulu FC izongqubuz­ana neyesundow­ns kusasa ngesonto ngo-12h00 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont.

* Imidlalo yedstv Diski Challenge (DDC) ihlelwe kanje:

NAMUHLA:

E-old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City Reserves vs Stellenbos­ch FC Reserves 10h00.

Elucas Moripe Stadium: Supersport United Reserves vs Chippa United Reserves 10h00.

Esugar Ray Xulu Stadium: Golden Arrows Reserves vs Swallows Reserves 10h00.

Eharry Gwala Stadium: Royal AM Reserves vs Orlando Pirates Reserves 12h00.

KUSASA:

Emalta Park, ecape Town: Cape Town City Reserves vs Sekhukhune United Reserves 10h00.

E-university of Western Cape: Cape Town Spurs Reserves vs TS Galaxy Reserves 10h00.

Esugar Ray Xulu Stadium: Amazulu FC Reserves vs Mamelodi Sundowns Reserves 12h00.

Echatswort­h Stadium: Richards Bay Reserves vs Kaizer Chiefs Reserves 12h00.

 ?? ?? ekhuluma NELANGA Lempelason­to uthe lo mdlalo uzokuba wumqansa onzima kubadlali
ekhuluma NELANGA Lempelason­to uthe lo mdlalo uzokuba wumqansa onzima kubadlali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa