Ilanga Lempelasonto

UPIKLELWE NGAMA-AMESHA WEHLELA NGEZANSI UMQEQESHI WE-PIRATES

- SENZO SOKHELA

UPIKLELWE ngama-amesha wakhetha ukwehlela ngezansi ujose Riveiro ongumqeqes­hi we-orlando Pirates oveze ukuthi uwuthanda ukufa umqhudelwa­no wenedbank Cup, njengoba ethi umvule amehlo ngebhola lakuleli.

Ibucs izobhekana necrystal Lake kowelast 32 yalo mqhudelwan­o namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 embombela Stadium, empumalang­a.

Kubhekwe ukuba ezimnyama zizigwazel­e ibhece kule kilabhu njengoba idlala esigabeni sama-amesha.

Umengameli wale kilabhu ujoe Mhlanga, upiklele ibucs ngohambo lwabo ukuzofika kulesi sigaba salo mqhudelwan­o.

Uthi ibucs uma izobathath­a kancane, kukhona okusina kuyijeqeza.

“Siyinqobe yowu-9 imidlalo yokuhlunge­la ukuba yingxenye yalo mqhudelwan­o.

“Engingakus­ho wukuthi abafana bami bawulindel­e lo mdlalo wepirates futhi bagcwele umfutho wokubhekan­a nekilabhu enkulu eningizimu Afrika.

“Singase sishiye kukhalwa eningizimu Afrika ngale mpelasonto,” kusho umhlanga.

Uriveiro uthe inhloso yabo wukuvikela lesi sicoco sabo abasinqobe nyakenye.

“I-nedbank Cup ngiyayitha­nda ngoba ingifundis­e okuningi ngebhola lakuleli.

“Sizilungis­elele ngokweqoph­elo eliphezulu. Sizowuhlon­ipha lo mdlalo, izitha esizobheka­na nazo ngeke sizithathe kancane.

“Ngesizini edlule sibhekane nedondol Stars, i-all Stars nevenda Football Club.

“Yonke leyo midlalo kayibanga lula, yingakho lo mdlalo wecrystal Lake sizowuthat­ha njengalona esiphuma kuwona wemamelodi

Sundowns ngeledlule.”

* Isiyonke imidlalo esele yelast 32 senedbank Cup imi KANJE:NAMUHLA NGOMGQIBEL­O Esoshanguv­e Giant: JDR Stars vs Hungry Lions 15h00.

E-isak Steyl: Platinum City Rovers vs Moroka Swallows 15h00.

Eprincess Magogo: Ravens vs Spain 15h00.

Embombela: Crystal Lake vs Orlando Pirates 15h00.

Eking Zwelithini: Richards Bay vs Polokwane City 18h00.

KUSASA NGESONTO Efree State Stadium:

D'general

vs Madridtas 15h00.

Eprincess Magogo: Maritzburg Utd vs Paarl United 15h00.

Emxolisi Dicky Jacobs Stadium: NC Pro's vs Chippa United 15h00.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Milford 18h00.*

 ?? ?? NGU-JOSE Riveiro
NGU-JOSE Riveiro

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa