Iyamudla eyendlala yezicoco enaturena
Ujohnson ufuna ukuqeda isikhwakhwalala seminyaka ewu-9
UMQEQESHI wekaizer Chiefs ucavin Johnson ufunga uyagomela ukulwela ukuqeda ishobolo leminyaka ewu-9 le kilabhu ingazinqobi izicoco kwipremier Soccer League (PSL).
Izimpofana zizodudulana nemilford FC emdlalweni welast 32 yenedbank Cup kusasa ngesonto ngo-18h00 EFNB Stadium, esoweto.
Ichiefs inomlando omubi kulo mqhudelwano uma ibhekene namakilabhu athathwa njengamancane.
Kunamakilabhu anjengeuniversity of Pretoria, ibaroka FC, irichards Bay nets Galaxy – ukubala nje ambalwa – ake ayehlula kulo mqhudelwano, edlala esigabeni esiphansi kunayo.
Nokho ujohnson uthi bazolwa kulo mdlalo ukuqeda ishobolo lezinkomishi kwichiefs.
“Sizowunika u-200% lo mdlalo ngoba sifuna ukwenza kahle kulo mqhudelwano,” esho.
Ujohnson uthi angakujabulela ukuba ngumqeqeshi owephula leli rekhodi elibi lokunganqobi lutho kwekilabhu iminyaka eminingi kangaka.
“Ichiefs ilandelwa kakhulu. Kuyosho lukhulu kimina uma ngingaqukula le nkomishi.
“Wonke amakilabhu kwipsl afuna ukuyinqoba le nkomishi, nathi kasehlukile kuwona.
“Ukuba bengilana (ngiqeqesha ichiefs) ngokuqala kwesizini, bengizokubeka kucace ukuthi ngizifuna zozine lezi zinkomishi ezidlalelwayo. “Njengamanje inedbank Cup yiyona nkomishi eseyisele. “Kuzofanele senze konke okusemandleni ukuyinqoba.” Uthi unalo uvalo ngemilford FC egijima kwimotsepe Foundation Championship (MFC) njengoba iyincwadi evaliwe kubona. “Sizamile ukwenza ucwaningo ngayo, sabuya nezinto ezincane kakhulu. “Okumqoka esikutholile ngabo wukuthi kunomfana omncane kubona okuthiwa ngusiyabonga Nzama okunguyena obadlalisayo. “Sivamile ukungcweka namakilabhu agijima kwimfc uma sizifudumezela ukuqala kwesizini kanti nangalesi sikhathi sekhefu lefifa, besidlala nawo.
“Uma sidlala nawo, avamise ukusinika ubunzima. Yiyona le nto engenza ngibe novalo njengoba siya kulo mdlalo wemilford, ngoba la makilabhu ayaliphakamisa izinga uma edlala nechiefs. “Wonke umdlali usuke efuna ukuzibonakalisa,” esho.