ISIKHALO NGEMALI ECHITHWE KUTETEMUKISWA ABALANDELI
UMNYANGO wezemidlalo, ubuciko namasiko eningizimu Afrika usebenzise imali elinganiselwa ku-r1.3 kubalandeli bezemidlalo ababili umama Joy Chauke nobotha Msila, ngesikhathi beyobuka indebe yomhlaba yebhola lombhoxo ebisefrance nyakenye.
Ngokubika kwetimeslive, lokhu kuvezwe yilo mnyango ngolwesine ngemuva kwesicelo esifakwe yi-afriforum, ngaphansi komthetho wokuthola ulwazi obizwa ngepromotion of Access to Information Act.
Ngokombiko lesi sicelo sifakwe yile nhlangano ngomfumfu (October) nyakenye ngesikhathi kuqhubeka lo mqhudelwano, lapho inxuse ukuba lo mnyango ukhiphe yonke imiqulu nezitatimende mayelana nemali echithiwe ngomama Joy nomsila.
Sekuyindaba esegudwini ukuthi laba balandeli abateketiswa, ngelamasuper Fans, uma kudlala amaqembu esizwe, bakhokhelwa yilo mnyango izindleko zokuyobuka imiqhudelwano.
I-afriforum iveze ukuthi eminye imibuzo yayo ebiyifakile ngohambo lwalaba balandeli, igcine ingaphendulwanga.
Ithe umnyango wehlulekile ukuveza imininingwane egcwele mayelana nemali eyasetshenziswa kulaba bobabili ngesikhathi beya efrance, nakweminye imiqhudelwano yalolu hlobo asebeke bayihambela phambilini.
Iqhube yathi iphinde yangaphenduleka nemibuzo yayo mayelana nemigomo elandeliwe ukuqoka laba balandeli ukuthi kube yibo abaqavile okudlula abanye abaseka amaqembu esizwe.
I-afriforum ithe isixhumanile nabameli bayo ukuba bafake isimangalo esiphoqa umnyango ukukhipha yonke imininingwane eyifunile mayelana nalaba balandeli kule minyaka eyishumi eyedlule.
Ithe isezinhlelweni zokufaka isikhalazo nakumvikeli womphakathi ngokusetshenziswa kwemali budlabha yilo mnyango.
Ucharne Mostert we-afriforum ucashunwe yitimeslive ethi, kuyishwa ukuthi labo abasondelene nosopolitiki bahlale bezitamuzela imali yabakhokhi bentela, ekubeni kunezigidi zabantu bakuleli ezisaphila ngaphansi kobubha.
I-afriforum ikhale ngokuthi imali eyasetshenziswa kulaba balandeli emabhanoyini nasemahhotela iyodwa ingaphezulu kweholwa yinqwaba yabantu baseningizimu Afrika.
Sekuyinsakavukela ukuthi laba balandeli bobabili babonakale beseka amaqembu esizwe emiqhudelwaneni emikhulu emhlabeni.
Baphinde babonakala nasekuqaleni kwalo nyaka beseka ibafana Bafana emqhudelwaneni icaf Africa Cup of Nations e-ivory Coast.