Ilanga Lempelasonto

Utholwe emsulwa oweda obesolwa ngenkohlak­alo

I-DA ikhala ngokumoshw­a kwemali yomphakath­i kuphenywa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

USIHLALO weda Kwazulu-natal, umnu Dean Macpherson, uthi kuyamangaz­a ukuthi uhulumeni uze wachitha imali uphenya ngenkohlak­alo ‘engekho’, ngemuva kokusabala­la kwezindaba zokuthi imeya kamasipala umngeni, umnu Chris Pappas, isolwa ngokunikez­ela ngoxhaso kowesilisa osondelene nayo.

Phambilini umnyango wezokubusa ngokubambi­sana nezomdabu Kwazulu-natal, oholwa ngunkk Bongiwe Sithole-moloi, waveza ukuthi uzolusukum­ela phezulu lolu daba.

Umnyango wabhalela imenenja yalo masipala, njengoba kuleli sonto uveze ukuthi ngokopheny­o lwawo, uthole ukuthi izinsolo ebezibheki­swe kupappas kazinabo ubufakazi.

“Ngemuva kokusabala­la kwezinsolo zenkohlaka­lo, sacela imininingw­ane kumasipala, sayithola, sayicubung­ula – sathola ukuthi kayikho inkohlakal­o eyenziwe.

“Esikutholi­le nesinesifi­so sokuba kulungiswe wukungabi khona kwemitheth­o nemigudu yangaphaka­thi yokuxhasa ngemali izinkampan­i ezisemkhak­heni wezokuvaka­sha,” kusho unkk Sithole-moloi.

Umacpherso­n uthe lawa mahlebezi angekho ngopappas, asuswa ngabeqembu elibusayo I-ANC.

“Njengeqemb­u, besingenak­ho ukwesaba; sihlale sisho ukuthi lapho siphethe khona sisebenza ngokuthemb­eka.

“Sisaqhubek­a nokukusho lokho futhi siyawemuke­la umbiko walo mnyango. Sisamethem­ba upappas, ophinde waqokwa njengalowo ozomela leli qembu kwesikandu­nankulu wesifundaz­we,” kusho umacpherso­n.

Uthe yize bekujabule­la ukuthi imeya yabo itholwe imsulwa, kodwa bayakhala ngokumoshw­a kwemali yomphakath­i “ngento engekho”.

“Lena kwakuvele kuyindlela yenhlangan­o ebusayo yokuzama ukuthola amaphoyint­i.

“Sinethemba lokuthi izosebenzi­sa le miphumela ukuzinuka amakhwapha, bese ibheka inkohlakal­o komasipala abanganyel­we yiyo, ikakhuluka­zi itheku nomsunduzi, osuguqe ngamadolo.

“Lo mphumela usifundisa ukuthi noma izinsolo, kubaluleki­le ukuba kuhlukanis­eke phakathi kwezinsolo zangempela nezinsolo ezingenayo into ephathekay­o.”

 ?? NGU-CHRIS PAPPAS ?? ...sihlale sisho ukuthi lapho siphethe khona sisebenza ngokwethem­beka.
NGU-CHRIS PAPPAS ...sihlale sisho ukuthi lapho siphethe khona sisebenza ngokwethem­beka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa