Ilanga Lempelasonto

UMLINGISI OQAVILE ULAXAZE UZALO

- LUCKY CAIN

UMLINGISI oqavile ulaxaze umdlalo Uzalo singakaphe­li nesikhathi esingangon­yaka ewujoyinil­e ngenxa yokunga-gculiseki ngempatho abeyithola kwabanye ozakwabo.

ILANGA Lempelason­to lithole ngemithomb­o yalo ukuthi usibu Jili odlala indawo kanomkhosi Mhlongo, ukhethe ukunqamula inkontilek­a yakhe.

Umthombo wokuqala uthe usibu (osesithomb­eni) ubehlale ekhala ngokungena­mi nangokupha­theka kabi kulo mdlalo. “Ubesebenza amahora angaphezul­u kunalawo abewalinde­le, nempatho ubehlale ekhala ngayo njengoba ethi abanye ozakwabo okubalwa kubona nabaqondis­i, bebempheth­e kabi,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe akusiyena usibu olaxaze lo mdlalo, kodwa yiwona omkhombe indlela njengoba bekunezikh­ulu zawo ebezingene­me ngaye.

“Ngokwazi kwami, yena ubesazimis­ele ukuqhubeka nokusebenz­a, izikhulu zakhetha ukuyinqamu­la inkontilek­a yakhe ngoba indawo yakhe beyingasen­awo umthelela emdlalweni,” kusho umthombo.

Imibiko engaqinise­kiswanga iveze ukuthi esinye sezizathu eziholele ekutheni lo mdlalo unqamule inkontilek­a yalo mlingisi, wukuthi uzithwele.

Ethintwa usibu, ukuqinisek­isile ukuthi nguyena okhethe ukuwushiya lo mdlalo ngenxa yokungagcu­liseki ngezinto ezithile angathanda­nga ukuzidalul­a.

Uthe ukhethe ukuthatha ikhefu ngenxa yokuthi kuningi abebhekene nakho ngesikhath­i eqopha Uzalo.

“Kuningi umuntu abehlangab­ezana nakho, bese kungaphezu­lu, yingakho ngikhethe ukuthi ngithi ukuma kuwona,” kusho yena.

Ebuzwa ngokuzithw­ala okuthiwa uxoshelwe khona, uqale ngokuhleka ngaphambi kokuthi ayichithe le mibiko.

“Kanjani nje, ngikahle kakhulu ngalezi zingane enginazo,” esho.

Uthe okwamanje usazothi ukuma kancane kulo mkhakha njengoba enezinhlel­o zokuthi asebenze ngemuva ekukhiqize­ni imidlalo kamabonaku­de.

“Okwamanje ngisazophu­mula bese ngithatha isinqumo ngokuhamba kwesikhath­i,” esho.

Leli phephandab­a liphinde lahabula nokuthi omunye oshiyayo kulo mdlalo, nguthembi Nyandeni odlala indawo kanjinji.

Kuthiwa inkontilek­a yakhe kayivusele­lwanga njengoba kuqala isizini entsha yalo mdlalo.

Ngokwesita­timende esikhishwe yilo mdlalo, kulindelek­e ukuthi kuqale kubonakale abalingisi abasha kuwona njengoba izolo ngolwesihl­anu kuqale isizini yeshumi.

Phakathi kwabalingi­si abalindele­kile, kubalwa untando Mncube, ulinda Sibiya, umnqobi Kunene, ubandile Maphalala, uvusi Mdiniso, ulungani Mabaso nofaith Mgobhozi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa