Ilanga Lempelasonto

Uzihola phambili ugatsheni kokamaskan­di

Uncoma ukusala kwezimbang­i zakhe kulo mbango

- MTHOBISI SITHOLE

UNCOMA ukusala ngaphandle kwabaculi ababili abayizimba­ngi umculi kamaskandi osaqhwakel­e emncintisw­aneni wemoto iquantum, kwimother of All Maskandi Festival, ozokuba sepeoples Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini mhla ka-6 kumbasa (April).

Ukhuzani “Gatsheni” Ndlovu (osesithomb­eni) wasentumba­ne, opongolo, uncome isinqumo sabahleli ngokushiya kwabo ngaphandle umthandeni “igcokama Elisha” Manqele, nokhuzani “indlamlenz­e” Mpungose kulo mcimbi.

Uthi lokhu kuzobeka nabanye abaculi abanezingo­ma ezimnandi, ezithandwa ngabantu ethubeni lokuhlomul­a.

Uthi imiqhudelw­ano enabo phakathi, kuba uqhude qhude phakathi kwabo bobabili, bese kulimaza nabanye abaculi noma ngabe banezingom­a ezimnandi, ezithandwa ngabantu.

“Lo mncintiswa­no uzosiza kakhulu namanye amaciko ukuthi kube khona akuzuzayo.

“Ngizimisel­e ngokunqoba kulo mncintiswa­no ngoba kungangisi­za kakhulu ukuze ngingene kolunye uhlobo lwebhizini­si lezokuthut­ha, ngingathem­beli emculweni kuphela ngoba mhlawumbe kangisoze ngishaye ama-hit (amanoni) unyaka nonyaka,” kusho ugatsheni.

Uthi kuyona yonke imicimbi ahamba kuyona, akakhohlwa wukukhanka­sela ukuwina le Quantum.

Uthe umkhankaso wakhe ujule kakhulu ngoba nabantu uma becela ukushutha naye, uyabacela ukuba mabamvotel­e kuqala, bese beyashutha-ke.

“Abantu bayangithe­mbisa kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi bayangivot­ela, bafuna ngiyithath­e le moto,” esho.

Umgqugquze­li walo mcimbi umnu Eric Ngobe uthi, nabaculi abazonandi­sa kulo mcimbi, kuzoba ngabasohlw­ini lwetop-30 yokugcina ezokhishwa esontweni lokugcina ekupheleni kwenyanga.

“Ukunqoba komculi nokungena kwakhe emcimbini, kulele kuyena ngokukhank­asela ivoti,” kusho ungobe.

Uthe umculi ozolala isibili, uzokhokhel­wa ngokuphind­we kabili imali yakhe yokunandis­a emcimbini.

Uthe nakuba bengekho ohlwini lwabaculi abaqhudela­nayo, ukhuzani negcokama Elisha, kodwa bazobe bekhona emacikweni azonandisa ngosuku lomcimbi.

Lo mcimbi wesekwe wumsakazo ukhozi FM, yiphephand­aba ILANGA nabakwavib Mobile.

Uhlu lokuqala lokuvotelw­a kwabaculi abahamba phambili lwakuleli sonto lumi kanjena (100%):

-Gatsheni (35.5%)

-Menzi (5.6%)

-Amageza Amahle (4.99%) -Dumakahle(4.29%)

-Mfezi (4.4%)

-Tornado (3.15%) -Amadodana entandane (2.82%) -Skhenqe (2.79%)

-King Nuba (2.71%)

-Qhosha (2.45%) -Amavukela Mbuso (2.4%) -Bhacelihle (2.08%) -Amasoka amahle (2.06 %) -Solwazi (1.94 %) -Zondwayo (1.89 %) -Ezechalaha (1.82 %) -Thubhobho (1.78 %)

-Bhasini lamula (1.63 %) -Skhala Nene (1.62 %) -Somatekisi (1.46 %)

-Gadla (1.45 %)

-Mdumazi (1.42 %) -0mhlabuhla­ngene (1.36%) -inkosi Yamagcokam­a (1.31%) -Mahostela (1.3%)

-Mzukulu (1.28%) -Mashelela (1.26%) -Zinjaziyam­luma (1.16%) -Mntuyenziw­a (1.06%)

-NND Internatio­n (1.02%) mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa