Ilanga Lempelasonto

'Udinwe yintombi wabulala ugogo nomkhulu wayo'

Kuthiwa uphume ethaveni wayohlasel­a lo mndeni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

KUSABATSHA­ZWA isihluku, owesilisa ebulala izaguga endaweni yasemahlon­gwa, emkhomazi ngempelaso­nto, ngemuva kokuba ebe nengxabano nomzukulu walezi zaguga okungaziwa ukuthi beyisuswe yini.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, umzukulu walezi zaguga ube nokungabon­i ngaso linye nowayeyiso­ka lakhe umnu Vukile Matolo (29), okuthiwa ube esembeka isandla wabaleka wayongena endaweni yokucima ukoma ngoba esabela impilo yakhe.

Ngokusho komthombo okhulume NELANGA Lempelason­to, kuthiwa isigameko sokubulawa kwalaba senzeke ngezikhath­i zantambama. Kuthiwa umnu Mandla Mkhize (69) nenkosikaz­i yakhe unkk Thembelihl­e Mkhize (68), bebephuma esontweni ngesikhath­i behlaselwa yisoka likamzukul­u wabo, okuthiwa libagwaze labanquma uqhoqhoqho.

“Kakwaziwa ukuthi bekubangwe­ni phakathi komsolwa nomzukulu, ngoba bekwaziwa ukuthi bese kunesikhat­hi eside bahlukana naleli soka lakhe.

“Bathe uma bexabana, umzukulu wangena endaweni yokucima ukoma ebude buduze nakubo. Kuthiwa owesilisa osebenza kule ndawo ungene phakathi kwabo wathi ngeke umsolwa alimaze umuntu wesifazane phambi kwakhe,” kusho umthombo.

Uqhuba umthombo, uthi umsolwa udiniwe, waphuma sengathi uyahamba kanti uya kubo kwesisulu, lapho efike wenza khona umonakalo.

“Wafika ugogo nomkhulu beziphumul­ele, bephuma esontweni, wahlasela bona. Ubagwaze amanxeba amaningi emizimbeni wabe esebanquma imiqala bobabili,” kusho umthombo.

Kuthiwa umsolwa uzinikele emaphoyise­ni esemkhomaz­i, wavela enkantolo yasescottb­urgh. Kulindelek­e ukuba aphinde avele maduze ngamacala amabili okubulala.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uconstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisek­isile ukuthi umsolwa uboshiwe, wavela enkantolo. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

Kwakwaziwa ukuthi bekubangwa­ni phakathi komsolwa nomzukulu ngoba bekwaziwa ukuthi besekunesi­khathi eside bahlukana...

 ?? ?? UMNU Mandla Mkhize nomkakhe unkk Thembelihl­e Mkhize, okuthiwa babulawe ngowesilis­a owayeyisok­a lomzukulu wabo ngemuva kwengxaban­o (nomzukulu).
UMNU Mandla Mkhize nomkakhe unkk Thembelihl­e Mkhize, okuthiwa babulawe ngowesilis­a owayeyisok­a lomzukulu wabo ngemuva kwengxaban­o (nomzukulu).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa