'Udinwe yintombi wabulala ugogo nomkhulu wayo'
Kuthiwa uphume ethaveni wayohlasela lo mndeni
KUSABATSHAZWA isihluku, owesilisa ebulala izaguga endaweni yasemahlongwa, emkhomazi ngempelasonto, ngemuva kokuba ebe nengxabano nomzukulu walezi zaguga okungaziwa ukuthi beyisuswe yini.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, umzukulu walezi zaguga ube nokungaboni ngaso linye nowayeyisoka lakhe umnu Vukile Matolo (29), okuthiwa ube esembeka isandla wabaleka wayongena endaweni yokucima ukoma ngoba esabela impilo yakhe.
Ngokusho komthombo okhulume NELANGA Lempelasonto, kuthiwa isigameko sokubulawa kwalaba senzeke ngezikhathi zantambama. Kuthiwa umnu Mandla Mkhize (69) nenkosikazi yakhe unkk Thembelihle Mkhize (68), bebephuma esontweni ngesikhathi behlaselwa yisoka likamzukulu wabo, okuthiwa libagwaze labanquma uqhoqhoqho.
“Kakwaziwa ukuthi bekubangweni phakathi komsolwa nomzukulu, ngoba bekwaziwa ukuthi bese kunesikhathi eside bahlukana naleli soka lakhe.
“Bathe uma bexabana, umzukulu wangena endaweni yokucima ukoma ebude buduze nakubo. Kuthiwa owesilisa osebenza kule ndawo ungene phakathi kwabo wathi ngeke umsolwa alimaze umuntu wesifazane phambi kwakhe,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthi umsolwa udiniwe, waphuma sengathi uyahamba kanti uya kubo kwesisulu, lapho efike wenza khona umonakalo.
“Wafika ugogo nomkhulu beziphumulele, bephuma esontweni, wahlasela bona. Ubagwaze amanxeba amaningi emizimbeni wabe esebanquma imiqala bobabili,” kusho umthombo.
Kuthiwa umsolwa uzinikele emaphoyiseni esemkhomazi, wavela enkantolo yasescottburgh. Kulindeleke ukuba aphinde avele maduze ngamacala amabili okubulala.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uconstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe, wavela enkantolo. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
Kwakwaziwa ukuthi bekubangwani phakathi komsolwa nomzukulu ngoba bekwaziwa ukuthi besekunesikhathi eside bahlukana...