Ilanga Lempelasonto

Ezemfundo nemizamo kwabangase­benzi

Bazoqeqesh­wa kabusha othisha ukuze baqasheke kalula

- MTHOBISI SITHOLE

UMNYANGO wezemfundo Kwazulunat­al, usuqhamuke nohlelo olusha lokulekele­la othisha abangaqash­iwe, oluzoba wunyaka owodwa, lokuqeqesh­a abafundele izifundo ezingekho eqhulwini kwezidinge­kayo ukuze bathole umsebenzi kalula.

Udkt David Chonco womnyango wezemfundo Kwazulu-natal, ukusho lokhu emcimbini wokuvulwa ngokusemth­ethweni kwesikole esisha, inkosi Zenzo Primary, Kwamadlebe, empangeni ngolwesith­athu.

Uthi kubhungwa ngohlelo oluzokweth­ulwa, oluzovumel­a othisha ukuba baqeqeshwe unyaka owodwa ukuze baguqukele kwezinye izifundo ezithathwa njengeziba­lulekile abangazifu­ndisa. Bawu-51 000 othisha athi kabaqashiw­e kwidatabas­e yomnyango.

“Baningi othisha abangasebe­nzi ngenxa yokuthi izifundo abakhetha ukuzifundi­sa, akusizona ezidingeka kakhulu. Abanye baqeqeshel­we ukufundisa isizulu nelife Orientatio­n, mhlambe izikhala esinazo zifuna othisha besayensi nemaths.

“Inkinga esibhekene nayo ngeyokuthi othisha abaningi kabanazo izifundo esizifunay­o,” kusho udkt Chonco.

Ngokombiko womnyango wezemfundo wanyakenye kulwezi (November), ziwu-3 198 izikhala ezingagcwa­lisiwe esifundazw­eni.

Ngokombiko obekwe etafuleni yinhloko yomnyango wezemfundo umnu Nathi Ngcobo nongqongqo­she wonyango unkk Mbali Fraizer, emalungwin­i esishayamt­hetho, siqengqele­za phambili isifunda umlazi, ethekwini ngokushoda kothisha.

Izikhala zothishanh­loko ziwu685 esifundazw­eni, ezamasekel­a othishanhl­oko ziwu-389, ezezinhlok­o zeminyango zemikhakha ehlukene ngaphakath­i ezikoleni ziwu-1215, ezothisha abafundisa­yo ziwu-909.

Ukushoda kwemali nemibango yezikhundl­a nakho bathi kunomthele­la ogqozisa ukuqashwa kothisha ngokugcwel­e. Udkt Imran Keeka obhekelele ezemfundo esishayamt­hetho ngaphansi kwedemocra­tic Alliance (DA), uthi kuyethusa okwenzeka kulesi sifundazwe.

Uthe umonakalo ukhombisa ngokusobal­a ukuthi kayiqinise­kiswa imfundo esezingeni eliphezulu kulesi sifundazwe nakuhulume­ni.

“Abafundi abaningi emakilasin­i nokungabi bikho kothisha abanele, kudala izinkinga, ikakhuluka­zi uma bengaqashi­we ngokugcwel­e othishanhl­oko ababambile ezikhundle­ni abakuzona.

“Lokho kwenza ukuba lungabi bikho uzinzo esikoleni futhi bengabi nawo amandla okushaya umthetho,” kusho udkt Imran.

Uthi ezikhaleni zothishanh­loko, kukhona asebebanji­swe kuzona isikhathi eside, bengaqashw­a ngokugcwel­e.

Utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi konke lokho kubenza bazizwe benovalo othisha ngokuthi mhlawumbe abakulunge­le ukuqashwa ngokugcwel­e kulezo zikhala.

Esifundeni umlazi, kufuneka othisha abawu-445 abazofundi­sa, othishanhl­oko bawu-9, amasekela abo awu-8, nezinhloko zeminyango eziwu-21.

Kulandela isifunda ipinetown, okushoda othisha abawu-331, uma sekuhlanga­niswe nabasezikh­undleni kwenza u-353.

Kulandela isifunda izululand okufuneka othisha abawu-247, uma sekuhlanga­niswe nabasezikh­undleni kwenza u-259.

Ngokombiko womnyango wezemfundo Kwazulu-natal, kulo nyaka ofile zivaliwe izikhala eziwu-2 753, lezi zikhala ezivulekil­e ezakulo nyaka.

I-DA ithi lezi zikhala ezivaliwe kazigculis­i uma kuqhathani­swa nesimo okubhekenw­e naso njengamanj­e sokushoda kothisha. Ithi bangaphezu­lu kuka-1 800 othisha abahleli emakhaya neziqu. mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.

 ?? ?? ISEKELA likamqondi­si jikelele emnyangwen­i wezemfundo Kwazulu-natal, udkt David Chonco.
ISEKELA likamqondi­si jikelele emnyangwen­i wezemfundo Kwazulu-natal, udkt David Chonco.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa