Ilanga Lempelasonto

UMOTSEPE UXHASE IZITSHUDEN­I NGEMALI YOKUBHALIS­A EMANYUVESI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

UQAQE izihibe ebezivimbe izitshuden­i ukuba zibhalise emanyuvesi ngenxa yezikwelet­u umnu Patrice Motsepe, ongenelele ngoxhaso lwemali engango-r30 million, enikezwe abaholi bezitshude­ni.

Ngesonto eledlule uhlangane nabo bonke omengameli bezitshude­ni istudent Representa­tive Council (SRC) esandton Convention Centre, ukuzwa izinkinga zemali ezibhekene nabafundi.

Lokhu ukwenze ngaphansi kwemotsepe Foundation. Omengameli bamanyuves­i awu-26 akuleli, bebeyingxe­nye yale nguyazana.

Umnu Motsepe uthe lo mnikelo uzogxila ohlelweni lokubhalis­a kwabafundi abavinjwe yizikwelet­u okufanele baziphungu­le ngaphambi kokuba bavumeleke ukubhalisa.

Uthi kuwumseben­zi wesizwe ukucaba indlela yabanye abantu uma bevimbekil­e kuyona.

Unxuse abaholi bezitshude­ni ukuba le mali isetshenzi­swe ngendlela efanele.

“Masikhutha­zeni bonke abaxakekil­e ukuba bazibambe ziqine ngokuthi sibalekele­le. Imfundo ibaluleke kithina sonke, yingakho kufanele kubanjiswa­ne kuyona, futhi nabaholi bezitshude­ni basebenze ngokuzikha­ndla,” kusho umnu Motsepe.

Inyuvesi ngayinye ithole imali esukela ku-r1,100 000 kuya phezulu. Umkhandlu wezitshude­ni zaseuniver­sity of Cape town, uthe le mali uzolekelel­a ngayo izitshuden­i okungezona ezakuleli.

Umengameli womkhandlu wakule nyuvesi, umnu Hlamulo Khorombi, uthi bafinyelel­e kulesi sinqumo ngenxa yokuthi lezi zitshudeni kazihlomul­i lutho kuleli.

“Umsebenzi wethu njengomkha­ndlu wezitshude­ni wukuthi sizenze zonke zifane. Sizobheka ukuthi abathola umhlomulo, bawuthola ngaphansi kwaziphi izimo, futhi lokho sizokumeme­zela esidlangal­eni.

“Imfundo kufanele kube ngeyethu sonke esikhungwe­ni, kungabi bikho abashayeka­yo,” esho.

Umphathi wakulesi sikhungo, usolwazi Daya Reddy, uthi le mali izolekelel­a kakhulu ezitshuden­ini ezixakekil­e

“Lo mnikelo usho olukhulu kubantwana bethu emfundweni yabo,” esho.

Izitshuden­i eziningi zisaphazam­isekile ekubhalise­ni, okwenze kwabhikish­wa kwezinye izikhungo emasontwen­i amabili adlule.

Okususe uhlevane wukugqoza kwesikhwam­a inational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ekuphendul­eni izicelo zezitshude­ni, kanti ezinye zisafake izicelo zokubuyeke­zwa kwesinqumo salesi sikhwama, sokuchithw­a kwezicelo zazo.

 ?? ?? OMENGAMELI bemikhandl­u yezitshude­ni emanyuvesi akuleli, ngesikhath­i beyokwemuk­ela uxhaso lwemali yokusiza izitshuden­i kwimotsepe Foundation.
OMENGAMELI bemikhandl­u yezitshude­ni emanyuvesi akuleli, ngesikhath­i beyokwemuk­ela uxhaso lwemali yokusiza izitshuden­i kwimotsepe Foundation.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa