Ilanga Lempelasonto

ISIQALILE IMIHLANGAN­O YOKUQOKWA KWEZIGUNGU EZIZOMELA IZIKOLE

- Mthobisis@ilanganews.co.za

yokukhethw­a kwezigungu zabazali.

“Lokho kusiza ekutheni wonke umuntu kungacinde­zelwa ilungelo lakhe uma sekubekwe imithetho yesikole. “Siyawuncom­a kakhulu umsebenzi owenziwe yizigungu eziphumayo njengamanj­e ezikhundle­ni. Lokho kubonakale ngemiphume­la emihle ekhiqizwe yizikole zethu.

“Ucwaningo-ke luveza ukuthi izigungu zabazali ezibambise­ne kahle, lokho kuzala imiphumela emihle ekufundise­ni nemiphumel­a etholakala esikoleni,” esho.

Ihlandla lezigungu ebezipheth­e ezikoleni, liyaphela kule nyanga. Umnyango wezemfundo ubeke umyalelo wokuthi ukhetho olusha lwezigungu luqala ngolwesihl­anu mhla ka-1 kundasa (March) kuze kuphele inyanga.

Ungema uthi othisha bayakujabu­lela ukusebenzi­sana nezigungu ezibesekay­o emsebenzin­i abawenzayo.

“Yingakho sinxusa ukuthi abazali mabaye ngobuningi babo emihlangan­weni yokuqokwa kwezigungu ezintsha. “Izigungu ezifakela ingcindezi othisha nothishanh­loko, zenza kungaseben­zeki ezikoleni.

“Kufanele izigungu ziqiniseki­se ukuthi imithetho eziyibekay­o, yenza abantwana baphatheke, ingaphazam­isi ilungelo lengane lokuba ifunde,” esho.

Uthi abazali akufanele bangaziban­dakayi ezindabeni zokuphathw­a kwesikole.

Ngakolunye uhlangothi unobhala wesouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) Kwazulunat­al, unkz Nomarashiy­a Caluza, uthi iqhaza labazali libaluleke kakhulu ezikoleni.

Uthe abazali abathande izikole, zifane nemizi yabo.

“Abazali kufanele bashaye imithetho efunwa yibona, abazovumel­ana ngayo ukuze ngelinye ilanga kungabi bikho abazoba nenkinga uma ingane isiphamban­a nokuvunyel­wene ngakho.

“Siyanxusa abazali ukuba basondele ezikoleni,” kusho unkz Caluza.

 ?? ?? NGUNOBHALA wenatu Kwazulu-natal, umnu Doctor Ngema.
NGUNOBHALA wenatu Kwazulu-natal, umnu Doctor Ngema.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa