Ilanga Lempelasonto

Uthembisa indumiso kwi-albhamu ayiqophayo

Uziyanda uthi wayegxuma ahlale uma ecelwa ukulingisa ubrenda Fassie

- THANDI ZONDI

UMZWILILI womculo wokholo uziyanda Mazibuko, uthi ubengazi ukuthi ukukhulela ekhaya elithanda umculo kumqeqeshe­la ikusasa njengoba esengumcul­i.

Ekhuluma naleli phephandab­a, uthe ukhulele emndenini okhonza eweseli futhi bebezifela ngokucula.

“Siwumndeni okuthanday­o ukucula, sikhule sikhonza eweseli. Ngaleso sikhathi ngangicelw­a ukuba ngilingise ubrenda Fassie (ongasekho) nami ngokuphaph­a, ngisukume ngintaza, kanti ekugcineni ngizothola ithuba lokwabelan­a nabantu ngephimbo lami,” esho.

Uthi ukucula kuyena kakusikho okokunandi­sa nje kuphela, kepha yindlela yokushumay­ela izwi likankulun­kulu. Uqede cishe iminyaka ewu-20 eyingxenye yabahola ibandla kwindumiso.

“Bengike ngiqashwe nasemicimb­ini ehlukene ngiyocula khona. Kukhona konke, isifiso sami besilokhu simile ekutheni ngifisa ukuqopha ngolunye usuku. Bengilokhu ngizama kanti ujehova uzogcina engizwile,” kusho uziyanda oveze ukuthi uthando lomculo lukhule kakhulu ngesikhath­i esesindisi­we.

Uthi uyakholelw­a ekubhaleni amaculo okudumisa asuka ngaphakath­i kuyena.

“Enkonzweni umfundisi ubejwayele ukugqugquz­ela ukuba sizibhalel­e amaculo, singalokhu sicula awabanye.

“Ngagcina sengingumu­ntu obhala izingoma, ngizibeke. Ngibhala into engisuke ngiyithuny­we wumoya ongcwele ngaleso sikhathi,” esho.

Njengamanj­e le ntokazi seyikhonza erehoboth Worship Centre. Uziyanda ubeyingxen­ye yekhonsath­i ikings and Queens of Gospel ngonyaka owedlule, ethe Playhouse, ethekwini.

Echaza ngengoma yakhe esihloko sithi, ‘Idwala’, ephume ngonyaka owedlule, uthi ichaza ngohambo lwakhe nonkulunku­lu.

“Ngimbonile ehamba nami enginqobel­a, engitsheng­isa nothando endleleni. Izwi lithi ujehova uyidwala, omi kuye akanakuzan­yazanyiswa,” esho.

Kulo nyaka uthi ukhulekela ukuba kuhlangane imali ukuze akwazi ukuqedela i-albhamu esinezingo­ma eziyisihla­nu aziphekile.

“Le albhamu izokube iboshelwe ngezingoma engizibhal­ile nezinye ezivela kumahubo. Abantu mabalindel­e indumiso yodwa. Kulesi sikhathi sanamuhla siyakuding­a kakhulu ukusondela kunkulunku­lu kukuhle noma kukubi,” kuphetha uziyanda.

tzondi@ ilanganews.

co.za

 ?? ?? UZIYANDA Mazibuko uthi ukhule ekukhonzil­e ukucula.
UZIYANDA Mazibuko uthi ukhule ekukhonzil­e ukucula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa