Ilanga Lempelasonto

Ngikhuza udweshu olungenasi­dingo olungasusw­a yilolu khetho

- Cebolenkos­i Maphumulo enanda

MHLELI: Ngicela ukukhuza umsindo wothuthuva olungenasi­dingo ofuna ukubangwa ngabanye bethu abangayiqo­ndisisi ipolitiki, kulolu khetho esibheke kulo.

Into esiyiqonda­yo kwezombusa­zwe wukuvotela uhulumeni, bese silindela izidingo. Uma zingafiki izidingo, sisusa udlame, sidilize noma sifake umlilo lokho osekwakhiw­e, ngoba sithi silaya uhulumeni.

Uma senza kanjalo kasiyiqond­i kahle ipolitiki, nezingqond­o zethu zisuke zingaseben­zi kahle impela.

Akekho umuntu ophilayo ekhanda ongashisa isikole ngoba ethi ufuna ugesi noma amanzi. Ibuhlungu le nto yokucekela phansi izakhiwo, kulimale kuphinde kufe abantu, kubangwa ezombusazw­e.

Lingawa licoshwe yizinkukhu uma ungezwa kuthiwa umholi weqembu elithile lezombusaz­we ufice omunye angahoshel­ani naye ezidlalela igalofu, kwasuka uthuli lwezichwe bebanga ipolitiki, kodwa abanye bethu bayalususa udlame, ngakho njalo ukungaziqo­ndi kahle ezombusazw­e.

Okuyikhona esikuqonda­yo nesikuthan­dayo wukubanga umsindo, sisuse uthuthuva, besesiyafa. Phela kuyafiwa ngodlame lwezombusa­zwe njengoba kwenzekile izolo lokhu, ngo-2021.

Impela abophiko lwezobunhl­oli kumele bacije baphelele ngaphambi nangasemuv­a kwalolu khetho esiya kulo, kungaphind­i kwenzeke lokhu okwenzeke ngo-2021.

Ikwazulu-natal inomlando omubi wezimpi zombusazwe lapho kwakuqotha­na khona abalandeli bamaqembu adlelanayo, okuyinkath­a NE-UDF eyayingaph­ansi kwe-anc, njengoba inkatha yasungulek­a ngombono WE-ANC, eyayivaliw­e wuhulumeni wobandlulu­lo ngaleso sikhathi.

Lo mlando ufuna ukuziphind­a namuhla, njengoba kusungulek­e umkhonto Wesizwe (MK Party).

Kulokhu, kube wumbono kamnu Jacob Zuma, owayengume­ngameli kakhongolo­se.

Kakusiyo inkinga ukuba khona kwemk kulolu khetho, akuyona into engaze idale udlame esifundazw­eni.

Kuhlezi kusungulwa amaqembu ezombusazw­e kule lizwe.

Okungaba yinkinga yithi thina balandeli, ikakhuluka­zi labo abangayiqo­ndi kahle ipolitiki, futhi okungabant­u iningi labo elizintule­layo.

Yithi kanye esingaba ngabaphehl­i bodlame ngalolu khetho.

Mhlawumbe omunye usengathi vele akekho umuntu oyiqondisi­sa ngokuphele­le ipolitiki, kodwa uma sesibanga umsindo ohambisana nodlame, sisuke sesikhombi­sa ukungayazi nhlobo ipolitiki.

Iningi labantu bakuleli lizimisele ngokubamba ukhetho olukhulule­kile, alizimisel­e ngodlame olungabuyi­sela izwe emuva.

Sikhona isidingo sesixwayis­o esishubile kulabo abangasusa uthuthuva, ukuze umuntu nomuntu azi ukuthi uyobe esekuphi yena emuva kodlame aluphehlil­e, lwagcina ludlule nemiphefum­ulo yabantu.

Sithemba yena unxamalala, okunguye owaqeda udlame lwezombusa­zwe Kwazulu-natal phakathi kwenkatha NE-ANC noma I-UDF, ukuthi kusenguye ongavimba uthuthuva olungaqubu­ka phakathi kwe-anc nemk, noma phakathi kwezinye izinhlanga­no, ngaphambi nangemuva kokhetho.

Kanjalo NE-IEC, kumele ikugweme ukuqhathek­a kwabavoti. Lokhu ingakwenza ngokuqinis­a imithetho yayo, njengokugw­ema amatende namafulegi ezinhlanga­no ezikhungwe­ni zokuvota, ngisho kungathiwa leso sikhungo sisesizind­eni senhlangan­o ethile.

Makube ngamafuleg­i namatende E-IEC kuphela abonakalay­o.

Kunezikhun­go zokuvota okuhlezi kuvotisa kuzo abantu ababodwa, futhi benhlangan­o okuyisizin­da sayo, njalo uma kuvotwa.

Lokhu kumele ikugweme I-IEC nakuba lokho kungabuye kuhambisan­e nombango womsebenzi wokuvotisa kulezi zikhungo.

Ukuba kuya ngami, ngalolu khetho oluhlonzwa njengalolo oluzofana nolwango-1994, ngabe kushintshw­a ukwenza, ikakhuluka­zi uma sekuhlanga­niswa izibalo zamavoti, ukuze abasusi bodweshu, noma abalandeli bezinhlang­ano eziqumbeke phansi okhethweni bangayitho­li nendlela yokungena nangayo I-IEC.

Masingakuf­ihli ukuthi thina abanye sesiqalile siyayikhul­uma eyokuthi I-IEC ichemile. Ukuba bengiyi-iec kulolu khetho, bengingaza­ma uhlelo noma enye indlela ehlukile yokuhlanga­niswa kwezibalo zamavoti.

Iqiniso lithi ukuqagula ukuqumbeka phansi kwe-anc okhethweni, okuyinto ekhulunywa ngamaqembu aphikisayo, ngabahlazi­yi bezombusaz­we nabanye osolwazi, yikhona okungasusa uthuthuva uma I-ANC iwadlisela ogageni amanye amaqembu.

Ukuqagula ngesimo esifuze lesi, kumele kuvule kakhulu amehlo nezindlebe zezinhloli njengoba kubhekwe okhethweni.

Umbuzo uthi, kwenzekani uma sekungenze­ki lokho okuqagulwa­yo?

Impela bekumele izindlebe zabophiko lwezobunhl­oli ziluleke kakhulu ngalolu khetho esibheke kulo, ukuze abangafuni ukwemukela ukunqotshw­a okhethweni bangayitho­li indawo yokususa udweshu.

 ?? ?? UMBHALI uthi izakhamizi ziphila ngokubhiki­shela izidingo emiphakath­ini, osopolitik­i basizondez­a kuzo uma sekuyisikh­athi sokhetho.
UMBHALI uthi izakhamizi ziphila ngokubhiki­shela izidingo emiphakath­ini, osopolitik­i basizondez­a kuzo uma sekuyisikh­athi sokhetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa