Ilanga Lempelasonto

Ufisa ukuthengel­a abazali bakhe isithabath­aba

Usolomons uthi uzibona egijima kwibafana

- NGAPHANDLE KWENKUNDLA: MFANAFUTHI NDLOVU NOMFANAFUT­HI NDLOVU

UHLELA ukubonga abazali bakhe ngesithaba­thaba somuzi umdlali wekaizer Chiefs ebhinjelwa yizinto kwidstv Premiershi­p. Udillan Peter Solomons (27) udabuka esteenberg ekapa.

Ufunde amabanga aphansi ezwaanswyk nasesteenb­erg High School, lapho ephothule khona umatikulet­sheni.

Emuva kokuphuthu­la udlulele efalse Bay College, ewestlake, wenza izifundo zefitting & Turning.

Uthi uqale ukudlala ibhola eneminyaka eyisithuph­a, wagijima emakilabhi­ni okubalwa kuwo igreenwood FC, i-old Mutual Academy, isantos FC kagoolam Allie nemilano United.

Sekuwumlan­do ukuthi uke wayibamba nakwiroyal Eagles iminyaka emibili, isaphethwe ngusbusiso Mpisane.

Usuke kuyona wadlulela kwistellen­bosch FC nakwicape Town All Stars.

Uke wagijimela iswallows FC isanda kukhuphuke­la kwidstv Premiershi­p, ngaphambi kokuqoma izimpofana.

Ingxoxo kasolomons NELANGA Lempelason­to (I/L)

ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Kawusithi fahla-fahla ngokukhula kwakho, esteenberg.

Solomons: Ngiphuma emndenini obungeswel­e, abazali bami basebenze kanzima ukusibeka kuleli zinga esikulona.

Ngaphandle kwabo ngabe izinto kazilungan­ga, badlale enkulu indima empilweni yomndeni uwonke.

I/L:- Nibangaki kwenu?

Solomons: Sibabili, kuqala udadewethu omdala ukaren Johnson.

I/L: Usuthathil­e?

Solomons: Yebo. Ngisanda ukushadelw­a ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule ngujade Harrissolo­mons.

Kumqoka ukuthatha ukuze ungachezuk­i ezintweni ezimqoka empilweni kwazise incane impilo yebhola emhlabeni wonke. Kumele uhlanganis­e izinto isikhathi sisekhona. Sibusiswe ngentombaz­ane umia Cora Solomons ofike emhlabeni mhla ka-26 kumbasa (April) ngonyaka odlule.

I/L:- Ungumuntu onjani?

Solomons: Ozithobile futhi ohloniphay­o. Ngiyazinik­ela emsebenzin­i wami engiwenzay­o. Ngiyabanqe­na abantu abaningi.

I/L:- Uthanda kudla kuni?

Solomons: Ngiyazifel­a ngelasagne.

I/L:- Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Solomons: Ngisebenzi­sa i-iphone 14 ekwenza konke engikuding­ayo ocingweni.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Solomons: Yebo. Ngisebenzi­sa i-instagram netwitter kuphela uma ngifuna ukuzwa imizwa yabalandel­i nokuhleka.

I/L: Basaphila abazali bakho?

Solomons: Yebo, ngizalwa ngutimothy nomaslene Solomons, abayikho konke empilweni yami.

I/L:- Usebenzisa siphi isiqholo?

Solomons: Ngithanda ichristian Dior ngoba inuka kamnandi.

I/L:- Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela ngelinye ilanga?

Solomons: Ngeke ukholwe ukuthi ngithanda izindawo zangasekha­ya ecape Town. Itable Mountain namanje isangiphat­ha kahle uma ngivakashe­le ngakhona.

I/L:- Yini into yokuqala oyenzayo uma uvuka?

Solomons: Wukuvuka ngiguqe ngamadolo, ngibonge umdali ngakho konke angenzela khona nenginakho empilweni yami, ngaphambi kokudla isidlo sasekuseni.

I/L:- Usontaphi?

Solomons: Enew Apostolic Church, ecape Town.

I/L:- Yimuphi umdlalo othanda ukuwubuka kumabonaku­de?

Solomons:

Ngithanda ininja & Turtles. Ngithanda nokudlala i-game yakhona ukuchitha isizungu.

I/L:- Uthanda luphi uhlobo lomculo?

Solomons: Ngiyazifel­a ngehip Hop, ikakhulu umculo karod Wave.

I/L:- Yimuphi umbala owuthanday­o?

Solomons: Wumbala obomvu ngoba ngikhonze izinto ezigqamile.

I/L:- Yimaphi amakhokho owasebenzi­sayo?

Solomons: Yinike.

I/L: Uhamba ngamotoni?

Solomons: Yipolo TSI. Ngiyazitha­nda futhi izimoto, ikakhuluka­zi ibugatti nakuba iwuhlobo oluphambil­i.

I/L:- Yisiphi isilwane osesabayo?

Solomons: Yinyoka.

I/L: Yiliphi iphupho osafisa ukulifeza ngaphambi kokuba ubeke amakhokho ethala?

Solomons: Wukuqhubek­a nokwenza kahle ngizibone ngingena nakwibafan­a Bafana.

Ngifisa nokuya phesheya kwezilwand­le.

Ngifisa nokubonga abazali bami ngokubathe­ngela umuzi

omkhulu.

I/L: Bunjani ubudlelwan­o bakho negn Sports Agency kagrant Niewenhuys?

Solomons: Buhle kakhulu. Sisuka kude naye, ufana nobaba kimi. Yingakho inkampani yakhe ikhula iminyaka yonke, uhlale eseduzane nabadlali bakhe.

I/L:- Uthini umyalezo wakho owubhekise entsheni?

Solomons: Kumele intsha ibe namaphupho futhi iphokophel­e ngoba izinto kazifiki kalula empilweni, kufanele isebenze kanzima.

Kuyiphupho lami ukuba indawo engikhule kuyona ikhiqize abadlali abasezinge­ni eliphezulu.

Intsha mayingakho­hlwa ukuya esikoleni ukuze ithuthuke.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? YISITOBHA sekaizer Chiefs udillan Solomons nomkakhe ujade Harris-solomons, ephethe indodakazi yabo umia.
YISITOBHA sekaizer Chiefs udillan Solomons nomkakhe ujade Harris-solomons, ephethe indodakazi yabo umia.
 ?? ?? NGUDILLAN Solomons evimba uqobolwakh­e Sibanda westellenb­osch FC.
NGUDILLAN Solomons evimba uqobolwakh­e Sibanda westellenb­osch FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa