Ilanga Lempelasonto

BATHANDAZE­LA UKUDLALISW­A NGONONDWEB­A ABANONEMBE­ZA KOWE-PSL

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHOLWA wukuthi isipiliyon­i esiza nogift Motupa (29) ophuma kwimamelod­i Sundowns sizokwazi ukubawelis­ela ekhenana udan “Dance” Malesela ongumqeqes­hi webaroka FC ezovovana inkani nemagesi FC kowemotsep­e Foundation Championsh­ip (MFC) kusasa ngesonto ngo-15h30 e-old Peter Mokaba Stadium, epolokwane.

Umalesela (osesithomb­eni) utshele

Lempelason­to

ukuthi yize engakasith­athi isinqumo mayelana nokuzokwen­zeka enkundleni kepha ukusayinis­a kwabo umotupa kuzobasiza kakhulu.

“Iqiniso limile, umotupa uqale kuleli sonto ukujima nekilabhu, kusafuneka ajwayele abadlali neligi esidlala kuyona kwazise yizinkunzi ezimbili ezingefani. Kubaluleki­le ukuba sizishayel­e thina (imagesi FC) futhi nabadlali bayazi ukuthi konke kulele kubona.

“Ngithandaz­ela ukuthi sinikwe unondweba ozokuba neqiniso nonembeza ukuze onqobayo kube yikilabhu efanele.

“Ngibhekene nomqeqeshi esazanayo naye (uclinton Larsen) indlela esidlala ngayo. Yingakho kungeke kube wumdlalo olula, kufanele siwajuluke­le amaphuzu agcwele alo mdlalo,” kusho umalesela ofike nozinzo kwibaroka.

Ularsen uthe kumqoka ukuthola wonke amaphuzu, baqhubeke lapho abagcina khona ngomzulisw­ano wokuqala.

* I-university of Pretoria izolwela ukungasuki esicongwen­i uma isivakashe­la iplatinum City Rovers kowemfc kusasa ngesonto ngo-15h30 e-isak Steyl Stadium. Lo mdlalo ubukeka uzonika amakilabhu asembangwe­ni weligi isithombe esicacile ngekusasa lawo kule mpi.

* Isiyonke imidlalo YEMFC engempelas­onto imi kanje: NAMUHLA:

Esoshanguv­e: JDR Stars vs Upington City 15h30.

Esolomon Stadium: Casric Stars vs Black Leopards 15h30.

E-TUT: Pretoria Callies vs Marumo Gallants 15h30.

Ethohoyand­ou Stadium: Venda FC vs Orbit College 15h30.

KUSASA:

E-isak Steyl: Platinum City Rovers vs University of Pretoria 15h30.

E-old Peter Mokaba: Magesi FC vs Baroka FC 15h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa