Ilanga Lempelasonto

Injabulo kubathandi bamankoman­e bakwazulu-natal

Zikhuza ibuya izimpi emuva kwesikhath­i eside

- LINDA XIMBA www.ilanganews.co.za

YINJABULO kubathandi besibhakel­a Kwazulunat­al njengoba kubuya imiqhudelw­ano yezimpi ngemuva kwesikhath­i eside kubhoke indlala yamankoman­e.

Ngaphandle kwendlala yezimpi, abathandi balo mdlalo bebedunguz­a ebumnyamen­i, bengazi ukuthi kuzoliwa nini njengoba ukusebenza kwebhodi elisha leboxing South Africa (BSA) kusamisiwe.

Lokhu kweza ngemuva kokuba inational Profession­al Promoters Boxing Associatio­n (NPPBA) ifake ungqongqos­he wezemidlal­o uzizi Kodwa enkantolo iphikisana nokuqoka kwakhe ibhodi elisha.

Le nhlangano ikhala ngokuthi ukodwa akayilande­langa imigudu efanele ngesikhath­i eqoka leli bhodi ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Ophromotha bebephithe­ne amakhanda, besabela nokuthi kuzobhunts­ha imali yoxhaso abesebeyit­holile kwazise belingekho ikomiti elikhipha izincwadi (sanctionin­g committee) ezigunyaza ukuba umqhudelwa­no udlalwe.

Nokho kubukeka sekuhamba kahle yize ukodwa NENPPBA bengakasit­holi isixazulul­o.

Ngesonto eledlule Kwamashu isibhakela besiqhwiza umentshisi, abalandeli abebephume ngobuningi ukuzobuka izimpi bagoduke bebheme bakholwa.

Ilightning Promotions ibihlele izimpi eziyisishi­yagalombil­i. Empini yosuku umfana wendawo usiphelele Myeza uphoxile ngesikhath­i ehlulwa ngamaphuzu nguthami Luthuli embangweni wesicoco SEKZN mini flyweight ebesingaph­ethwe muntu.

Ngomhla ka-22 wale nyanga undasa (March) amabombo azobheka e-olive Convention Centre, ethekwini, lapho imvelo Boxing Promotions ihlele indumezulu yomqhudelw­ano.

Uphromotha unomvelo Magcaba-shezi uqhathe umzala wakhe uthabiso

“The Rock”

Mchunu noyamil

Alberto Peralta embangweni webhande leworld Boxing

Council

(WBC) silver cruiserwei­ght.

Umchunu ugcine ukubonakal­a eringini ehlulwa yingqwele YEWBC u-ilunga “Junior” Makabu ngendlela eyakhalisa abaningi e-united States of America (USA), eminyakeni emibili edlule. Kuzosukwa ethekwini kuyiwe etown Hall yasemtshez­i emqhudelwa­neni oqanjwe ngokuthi yiqhude Manikiniki, ohlelwe yihle-jobe Promotions ngomhla ka-30. Emtshezi umxolisi Zuma uzovikela isicoco seworld Boxing Federation (WBF) junior featherwei­ght kuabdullah Ramadhan Milanzhi wasetanzan­ia. Ulindelani “Bram” Sibisi yena uzolwela esewbf no-ally Said wasetanzan­ia esisindwen­i se-featherwei­ght. Zombili lezi zimpi zihlelelwe imizuliswa­no eyishumi. Njengenjwa­yelo, uhlengiwe Dladla ongomunye wophromoth­a basekzn abafike ngomfutho kulo mkhakha, uqhathe nabafana abafikayo kulesi sigaba asebekhomb­ise ukushisa besuka esigabeni sama-amesha.

 ?? ?? NGUTHABISO MCHUNU
NGUTHABISO MCHUNU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa