Kayimkhathazi eyokunyomfeka kwezinhlelo zesundowns
UMQEQESHI wemamelodi Sundowns urulani Mokwena (osesithombeni) uthi kayimukhathazi nakancane eyokuthi bagcine bengayitholanga inkundla abebehlose ukugijima kuyona umdlalo wecaf Champions League.
Idowns izoshukana netp Mazembe yasedr Congo kokagroup A kwichampions League namuhla ngomgqibelo ngo-15h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgeville.
Idowns ibihlele ukugijima lo mdlalo EFNB Stadium, esoweto, emuva kokuba ithole ukuthi iloftus Stadium, esepitoli, izosingatha umdlalo we-united Rugby Championship ophakathi kwevodacom Bulls NEDHL Stormers ngomgqibelo ngo-17h05. Ibulls ingabanikazi bale nkundla.
NEFNB Stadium kuvele ukuthi kwayona isibhukhiwe njengoba ikaizer Chiefs izobhekana nomkhaya imoroka Swallows ngomgqibelo ngo-17h45.
Idowns igcine isikhalela kwilucas Moripe Stadium. Kuzokhumbuleka ukuthi idowns ibhalise kwicaf IFNB njengenkundla yayo yesibili uma kuwukuthi iloftus ibhukhiwe.
Umokwena uthi kuyena kakusho lutho ukuthi badlalelaphi, okumqoka nje wukuthi baqede isigaba samaqoqo beqhwakele. “Kanginendaba nokuthi sizodlalela kuphi ngoba kwayona le nkundla esiyodlala kuyona iseqophelweni eliphezulu futhi inotshani obuhle. Isundowns itshale eningi imali ukuba kulungiswe le nkundla ngakhoke kasinankinga nayo. “Sike sadlala kuyona le nkundla sibhekene nesupersport United sanqoba ngakho-ke kangisiboni isidingo sokuthi kulokhu kuba nezinkulumo. Siyakwazi esikuyela kulo mdlalo, wukuyo-* nqoba ngoba sifuna ukuqeda siqhwakele kuleli qoqo,” esho.
Uthi balindele umdlalo onzima kwimazembe.
“Sidlalile nabo emzuliswaneni wokuqala basehlula okukubeka ngokusobala ukuthi kabasiyona ikilabhu encane.
“Sebewunqobe amahlandla amahlanu lo mqhudelwano, lokho nje kukodwa kukubeka kucace ukuthi bayikilabhu ongeke uyithathe kancane. Silindele umdlalo onzima kubona lokho kangikungabazi,” esho.