Ilanga Lempelasonto

Izoqopha izinsuku ezimbili ethekwini ijoyous

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

ASEQALILE ukudayisa amathikith­i omcimbi othandwa ngabaningi wowokholo, lapho iqembu ijoy ous Celebratio­n, lizobe liqopha bukhoma i-albhamu yalo ka-28.

Le ndumezulu yedili lomcimbi eba minyaka yonke, izobe isenkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), ethekwini ngomhla ka-30 nangomhla ka-31 kwephezulu.

Lena ngeminye yemicimbi abathandi bomculo we-gospel abayibheka ngamehlo abomvu. Abahleli bawo bathi amathikith­i aseqalile ukutholaka­la ezitolo zakwapick’n Pay nasewebtic­ket, azoqala ku-r200 kuya phezulu.

Leli qembu elizakhele igama ngisho naphesheya kwezilwand­le, lizobe libungaza iminyaka ewu-28 labakhona, lidume kakhulu ngezingoma zendumiso.

Ngokusho kukalindel­ani Mkhize, umbono waleli qembu oqale eminyakeni ewu-28 edlule, babengazit­sheli ukuthi ungagcina uphenduka into enkulu kangaka.

“Lona wumbono oqale eminyakeni eminingi edlule kodwa sewenze leli qembu laziwa njengamany­e ahamba phambili emculweni we-gospel, ngisho nasemazwen­i angaphandl­e.

“Minyaka yonke sihlale sizibophez­elela ekutheni sikhuphule izinga, nomculo ushiye lowo obewulalel­e efisa ukuphinde alilalele futhi leli qembu.

“Lokhu sikwenza ngokuqinis­ekisa ukuthi kakuwona nje umculo kuphela osezingeni elicokeme, kodwa nendlela esiwethula ngayo nendlela esibukeka ngayo,” kusho umkhize.

Uthi umculo we-joyous Celebratio­n uyimvusele­lo ekwelinye izinga nelenza abathanda lo mculo babuye bephindele­la. Kuyaziwa ukuthi imicimbi yaleli qembu ijwayele ukuphelelw­a ngamathiki­thi ungakafiki njengoba abalandeli balo bewathengi­sa okwenyama. I-african Bank ingabanye babaxhasi abaqavile balo mcimbi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa