I-EASTERN CAPE EMBANGWENI WEMOTO KOKAMASKANDI
BAGALELEKILE abaculi baseeastern Cape, emncintiswaneni wemother of All Masikandi Festival, ezokuba mhla ka-6 kumbasa (April) epeople’s Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini.
Lokhu kubonakele ngokuvumbuka kweqembu Amawele kamamtshawe (elisesithombeni) elibalwa namaqembu amakhulu kulesiya sifundazwe. Leli qembu belingekho ohlwini lwabaculi abawu-30 abebehamba phambili ngokuvotelwa kakhulu ngesikhathi kushicilelwa uhlu lokuqala ngempelasonto edlule.
Kuleli sonto livumbuke selilele isibili lagudluza umenzi. Omunye wabaculi base-eastern Cape, obelele isithupha ngempelasonto edlule, ugudluze abaculi abane kulokhu walala isithathu.
ILANGA Lempelasonto likhulume nomenzi obelandela ugatsheni, okunguyena oqhwakele kusukela ngempelasonto edlule. Uthi ukhuthazwa wukuhlala izithonto kukagatsheni kulo mncintiswano wequantum.
Umenzi Mabizela ungomunye wabaculi abasebasha endimeni kamaskandi abafike kwezwakala. Uthi ukusondela kwakhe kugatsheni ngokwamavoti, kumenza azibone esekhulile emculweni. Uthi ukhuthazekile ngoba useqinise izinhlaka zokukhankasa.
“Ukuzibona ngisohlwini oluphezulu lwabaculi abavotelwa kakhulu okwamanje, lokho kunginikeza umdlandla wokungalali, ngikhankase ngilwele ukunqoba.
“Ngiyamhlonipha ugatsheni kuleli zinga asekulona lomculo, kodwa amavoti ami angenza ngizibone ukuthi abantu bayakholelwa kimina, ngakho-ke kakufanele ngibaphoxe,” kusho umenzi.
Uthi i-extended Play (EP) yakhe yezingoma eziyisithupha, yiyona embeke ezingeni eliphezulu asekulona njengamanje.
Leli ciko nakuba linesikhashana ligqamile emculweni wesintu, kodwa selizuze nendondo yamasouth African Traditional Music Achievements Awards.
Kuzonandisa abaculi abawu-30 abebesohlwini oluvotelwayo embangweni wemoto.
Umgqugquzeli womcimbi umnu Eric Ngobe, uthi umculi ozodla umhlanganiso emotweni kulo nyaka, ngeke avumeleke ukuba yingxenye yomncintiswano ngonyaka ozayo.
“Izinhlelo esinazo ngezokuthi sizame ngayo yonke indlela ukuthuthukisa amaciko ngokulinganayo.
“Sekuqaliwe nokudayiswa kwamathikithi alo mcimbi etickets pro ngo-r100, awezicukuthwane amatafula abiza kusukela ku-r1 200 kuya ku-r15 000,” kusho ungobe.
Lo mcimbi wesekwe wukhozi FM, ILANGA nabakwavib Mobile.
Ukuvotela umculi omthandayo osohlwini nosafisa angene ohlwini, uthumela umqhafazo obhalwe igama lakhe, kule nombolo: 44893
uhlu lwabaculi abahamba phambili kuleli sonto:
1. Gatsheni- 37884
2. Amawele kamamtshawe -12094
3. Tornado- 8168
4. Menzi-7182
5. Mfezemnyama-6429
6. Amageza Amahle-6399
7. Dumakahle- 5033
8. Zinjaziyamluma- 4662
9. Amavikelambuso- 4639
10. Uthubhobho-4206
11. Somatekisi- 3595
12. King Nuba-3187
13. Solwazi- 3174
14. Qhosha- 2672
15. Thandamazi-2265
16. Skhenqe-2247
17. Bahubhe-2238
18. Amadodana Entandane-2210
19. Ezechalaha- 1790
20. Zondwayo-1672
21. Bhacelihle-1658
22. Mashelela-1619
23. Mdumazi-1585
24. Skhala Nene-1565
25. Bhasini Lamula-1412
26. Gadla Nxumalo- 1349
27. Amasokamahle-1320
28. Abafana bakamgqumeni-235
29. Ezikamajotha-1173
30. Mfulongashi-1144