Ilanga Lempelasonto

INKAMPANI KASHUKELA IHLOMULISE NGEMIFUNDA­ZE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

INJABULO kubafundi abayishumi abenza izifundo zolimo behlomula ngemifunda­ze enkampanin­i ekhiqiza ushukela itongaat Hulett.

Ngokusho kwale nkampani, bangaphezu­lu kuka50 abafundi asebehlomu­le ohlelweni lokunikeze­lwa kwemifunda­ze selokhu lwasungulw­a.

Unkz Snethemba Kunene, umphathi womnyanyo wezentuthu­ko yomphakath­i kwatongaat Hulett, uthi ukubambisa­na kwenkampan­i nesikhungo sokufundel­a ezolimo, i-owen Sithole College of Agricultur­e, kwenze ukuthi intsha eqhamuka emiphakath­ini etshala umoba, ikwazi ukuthola imifundaze, iqhube izifundo zezolimo kuleli kolishi.

“Inhloso yokubambis­ana kwetongaat Hulett ne-owen Sithole College of Agricultur­e, wukulekele­la ikolishi libe nedumela lokuba yisikhungo esigogodil­e emkhakheni wokutshala umoba,” kusho ukunene.

Abalekelel­wa ngalo mfundaze, ngabafundi abanemiphu­mela emihle ngokwezemf­undo, abakwazi ukusungula izinhlelo ezintsha nezithuthu­kisa ikoloshi nemiphakat­hi abaqhamuka kuyo, futhi kuba ngabafundi abanesibin­di sokugqugqu­zela abanye ukwenza kahle ezifundwen­i zabo ukuze nabo bezoqokelw­a ukuba yingxenye yalo mfundaze,” esho. Uthi le nkampani yasayina isivumelwa­no sokusebenz­a ngokubambi­sana nomnyango wezolimo.

“Lolu hlelo lokufunda luqhutshwa yisouth African Sugarcane Research Institute, lubizwa ngokuthi yisenior Certificat­e Course in Sugarcane Agricultur­e.

“Ngaphezu kwalokhu, itongaat Hulett iphinde yenze izincomo zokuthi abafundi abanemifun­daze baphinde bahlelelwe amathuba okuthi kukhuliswe amakhono abo ngaphakath­i enkampanin­i. Kulo nyaka le nkampani uthi izibopheze­le ekwemukele­ni nasekuqeqe­sheni abafundi abayisithu­pha ababizwa ngama-agricultur­al Interns.

Lolo hlelo luyingxeny­e yesivumelw­ano itongaat Hulett enaso ne-agriseta. Phambilini itongaat Hulett ike yabeka eceleni imali elinganise­lwa ku-r8 million ukuze kusungulwe uhlelo lokukhiqiz­a imbewu yomoba isebenzisa­na ne-owen Sithole College of Agricultur­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa