SEKUQUBUKE INGEBHE NGOKWANDA KOKUDUNWA KWEZIMOTO
SEKUQUBUKE ingebhe kubahlali abakhele indawo yasemtubatuba, nasemkhanyakude njengoba kubonakala kwanda izigameko zokudunwa kwezimoto okusolwa ukuthi ziweliselwa emozambique.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, selokhu kuqale undasa (March), zingaphezulu kwezinhlanu izimoto eseziduniwe, kanti kwezinye izigameko abantu bangenelwa emizini yabo baphucwe izimoto zabo.
Kubikwa ukuthi akugcini nje ngokuba kuthathwe izimoto ebantwini, sekunomkhankaso wokubamba izimoto zezinkampani ezinkulu okubalwa kuzona neze-africa Health Research Institute (AHRI).
Lempelasonto lithole ukuthi esikhathini esingamasonto amathathu sekudunwe izimoto ezintathu ezigamekweni ezahlukene. Ngaphandle kwalesi
ILANGA
sigameko, kubikwa ukuthi emkhuze kudunwe izimoto ezintathu ezingamatoyota Land Cruiser zakwesinye seziqiwi. Kubikwa ukuthi lezi zimoto zitholakale emanguzi ngasemngceleni.
Leli phephandaba lithole ngomthombo walo ukuthi ukudunwa kwalezi zimoto sekudale itwetwe emphakathini njengoba zibonakala zilokhu ziqhubeka lezi zigameko.
“Lento isiqala ukusolisa ukuthi sekubuya into eyake yenzeka phambilini lapho kwakudunwa khona izimoto ziweliswe umngcele. Kuke kwathi ukuthula, nabantu sebenethemba lokuthi isiphelile yonke le nto yokwebiwa kwezimoto zabantu,” kusho umthombo.
Unkz Munyadziwa Rabambi, oyichief Advancement Officer, e-africa Health Research Institute, esitatimendeni uvumile ukuthi zikhona izigameko zokudunwa kwezimoto zabo ezintathu, ezigamekweni ezahlukene.
Uveze ukuthi isigameko sokuqala senzeka ngomhla ka-15 kunhlolanja (February), imoto yadunwa endlovu Village. Uthi eyesibili imoto yadunwa Kwamsane, emtubatuba mhla ka-26 kuwona unhlolanja.
Uthi isigameko sakamuva imoto yabo idunwe ngolwesithathu khona futhi emtubatuba. Uphinde waveza ukuthi babonga ukuthi izisebenzi zabo kazizange zilimale kulezi zigameko.
Uthe benza yonke imizamo ukuzeseka (izisebenzi zabo) kulesi sikhathi. Uthi bakhathazekile ngalezi zigameko, wabe esecela ukuba uma kukhona ongaba nolwazi, axhumane namaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uconst Thenjiswa Ngcobo uthe, akhona amacala avuliwe okudunwa kwezimoto, bekungakaboshwa muntu. skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za