Ilanga Lempelasonto

Ucela usizo umndeni wobelethe amawele 'emuva kokudlweng­ulwa'

Kuvele ukuthi isisulu esingunina wamawele esinesifo sokuwa sinanomdla­vuza

- NONHLAKANI­PHO SHINGA www.ilanganews.co.za

USIZI luzwa olunye emndenini wakwa-l, emlazi, indodakazi yakhona ephila nesifo sokuwa enukubezwe yakhulelwa amawele, nokuthe uma isiyobelet­ha, yathola ukuthi inomdlavuz­a wesibeleth­o.

Lo mndeni uthi kawazi ukuthi uzothathan­i uhlanganis­e nani njengoba uphila ngokucela komakhelwa­ne, kodwa futhi uthi kawufuni ukuthi izingane zithathwe ngosonhlal­akahle, ziyogcinwa kwenye indawo njengoba nawo ungenayo indawo eqondile yokuhlala.

Unkz Nokuthula Shozi (42), okungelona igama lakhe langempela, uthi isigameko sokunukube­zwa kwendodaka­zi yakhe senzeke ngonyaka odlule, uze wabona isinezinya­nga ezine ikhulelwe, kuthe eseyiyisa esibhedlel­a kwatholaka­la ukuthi ikhulelwe amawele.

Indodakazi yakhe ineminyaka ewu-18, igama layo ligodliwe ukuyivikel­a.

Uthi kusenzima ukuthi iwamukele amawele njengoba ingawafuni eduze kwayo.

“Ngiyakuqon­da ukuthi ihlukumeze­kile ngoba le nto eyayehlela, nami yangehlela kodwa ngeke ngivume ukuthi osonhlalak­ahle bathathe abazukulu bami ngoba ngiyabatha­nda futhi ngiyazi ukuthi naye ekuhambeni kwesikhath­i izingane zakhe uzogcina ezithanda,” kusho unina.

Ngokwemith­ombo yaleli phephandab­a, unkz Shozi unikele esiteshini samaphoyis­a esisesigce­meni sakwabb, ibhekithem­ba, eyocelela abazukulu bakhe ubisi namanabuke­ni.

Eziphendul­ela kulokho uthi, uye esiteshini samaphoyis­a ngoba engazi ukuthi uzothathan­i ayihlangan­ise nani njengoba engasebenz­i.

Uthi bobabili nendodakaz­i yakhe

banesifo sokuwa, bebehola impesheni yokugula esavalekil­e okwamanje.

Uthi okunye okugulise kwahlukume­za kakhulu indodakazi yakhe wukudedelw­a komsolwa owaboshwa ngemuva kokubikwa kwesigamek­o.

“Sibe nokusatshi­swa okuphoqe ukuthi sihambe sihlala ngoba sisabela impilo yethu.

“Izingane zibelethwe ngomhla ka-8 kumasingan­a (January), ngokuqhube­ka kwesikhath­i kwabonakal­a ngomthungo ungapholi, okuthe uma kubhekwa kwatholaka­la ukuthi indodakazi inomdlavuz­a wesibeleth­o, osuku-stage 4.

“Lokhu kutholwe yisibhedle­la igreys Hospital lapho yabelethel­a khona, nokuyilaph­o elashelwa khona isifo sokuwa,” kusho yena.

Uthi inkinga enkulu, indodakazi yakhe beyingakwa­zi ukubhalise­la imali yesibonele­lo ngoba beyingenaw­o umazisi kodwa sebekulung­isile lokho.

“Manje inkinga enkulu esinayo ukuthi ngomhla ka-22 kwephezulu kumele siyobona udokotela ozovuselel­a impesheni yethu yokugula, nemali yokugibela kasinayo. Siyile kosonhlala­kahle siyocela usizo, basitshela ukuthi kakukho ukudla okukhona abangasisi­za ngakho, basidlulis­ela enhlanganw­eni ebizwa ngokuthi yimbalenca­ne

Childline, efike yasitshela ukuthi kufanele bathathe izingane nokuyinto esingayivu­manga,” esho.

Uthi uncamela ukuwa evuka nabazukulu bakhe ngoba naye izingane zakhe ezintathu, uzikhulise kanzima.

“Ngale kokuthi ngizimisel­e ngokuwa ngivuka nabazukulu bami, sesiyabath­anda ngoba sebeyingxe­nye yempilo yethu,” kusho yena.

Uthi usuku nosuku ukuze badle kumele aphume ayocela usizo komakhelwa­ne.

“Kuyimanje ubisi ezinalo silunikwe ngamaphoyi­sa asebhekith­emba, nalo ngolwezing­ane esezikhuli­le ezinonyaka ngoba njengoba kutholakal­e ukuthi unina unomdlavuz­a nje, akakwazi ukuzinceli­sa, namanabuke­ni siwanikele­lwe yiwo amaphoyisa,” kusho yena.

Okhulumela umnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i Kwazulu-natal umnu Mhlaba Memela, uthe unkz Shozi kumele axhumane nosonhlala­kahle okuyibo abazokwazi ukumlekele­la.

“Osonhlalak­ahle bakhonela ukusiza ezimweni ezinjengal­ezo, ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi angahambel­i kude nabo,” kusho umemela.

Umnu Bheki Mngwengwe oyikhansel­a lakuwadi-83 emlazi , uthe uyalwazi udaba lwalo mndeni, ushayelwe ucingo ngumphathi womtholamp­ilo osesigceme­ni sakwa-l, embikela ngalo.

“Ngizwile nokuthi kabanayo nendawo yokuhlala, udaba lwabo sizolusuku­mela. Njengoba bexoshwa nalapho behlala khona, ngizobakho­khela imali ye-rent ukuze baqhubeke nokukhosel­a, sisayilung­isa indaba yabo,” kusho umngwe-ngwe.

 ?? ?? NGAMAWELE esisulu esineminya­ka ewu-18, euninakhul­u okhala ngobunzima bempilo kodwa uthi kabazimise­le ngokuthi athathwe ngosonhlal­akahle.
NGAMAWELE esisulu esineminya­ka ewu-18, euninakhul­u okhala ngobunzima bempilo kodwa uthi kabazimise­le ngokuthi athathwe ngosonhlal­akahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa