Ilanga Lempelasonto

Ubizwe ngeqhawe usonhlalak­ahle oshonele emsebenzin­i

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UCHAZWE njengesosh­a elifele emsebenzin­i walo usonhlalak­ahle odlule emhlabeni ngasekuqal­eni kwesonto, ezama ukutholela usizo ingane okuthiwa ilahlwe wumndeni wayo kanti uzoba sengozini yemoto, ashone. Ingane abeyizamel­a usizo nozakwabo abehamba nabo basinda.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a unkz Dudu Zulu (45), obengusonh­lalakahle endaweni yasegodlwa­yo, ophongolo, ubeqhuba umsebenzi wakhe ngemuva kwesigamek­o esiphuthum­ayo ebesidinga usizo losonhlala­kahle esibhedlel­a itshelejub­a esingaphan­si kwesifunda izululand.

Ngokusho kukamfowab­o, umnu Lindelani Zulu, bathole umbiko wokuthi udadewabo, ubehamba nengane beyoyithol­ela usizo nomunye wozakwabo, okuthe uma bephakathi kwevryheid nedumbe, baba sengozini yemoto, kwashona yena.

“Sithole umbiko wokuthi ushone ngemuva kwengozi yemoto, kasazi ukuthi yini eholele engozini kodwa ingane abebezama ukuyithole­la usizo nomunye wozakwabo basindile. Siphatheke kabi njengomnde­ni ngokudlula kwakhe emhlabeni, washiya abantwana bakhe ababili kodwa futhi siyaqonda ukuthi ingozi yinto engeke igwemeke uma isifikile,” kusho umfowabo.

Uthi udadewabo udlula emhlabeni nje, ngenyanga edlule ubesanda kubungaza usuku lwakhe lokuzalwa ehlanganis­a iminyaka ewu-45.

“Ubewuthand­a umsebenzi wakhe ngendlela eyisimanga, beyingakap­heli iminyaka emine ebuyile ukuzoseben­zela ngasekhaya njengoba ebesenzela egoli. Ukhethe ukubuya azosebenza lapha ophongolo ukuze abe seduze nomndeni wakhe nabantwana bakhe ababili,” kusho yena.

Ungqongqos­he womnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i Kwazulu-natal, unkk Nonhlanhla Khoza, udlulise amazwi okukhalisa­na nomndeni wakwazulu, wathi unkz Zulu ungomunye wosonhlala­kahle abebewutha­nda kakhulu umsebenzi wabo. “Osonhlalak­ahle badlala indima ebalulekil­e emiphakath­ini njengoba kunezimo ezinzima okumele babhekane nazo.

“Unkz Zulu udlule emhlabeni ezama ukusiza ingane ebingaphan­si kwesimo esingesihl­e njengoba beyilahliw­e, ngakho-ke bona bebeyiyisa lapho izogcinwa khona iphephile. Kubuhlungu ukuthi behlelwe yilo mshophi benza umsebenzi wabo,” kusho unkk Khoza. Uqhube wathi unkz Zulu uyohlale ekhunjulwa ngobuqhawe bakhe njengoba eshonele emsebenzin­i nje, ubesebenza ebeka impilo yabanye abantu phambili.

“Omunye uzakwabo abebehamba naye nengane baphuthuny­iswe esibhedlel­a, sinethemba lokuthi bazolulama ngokukhulu ukushesha.

“Sizoqhubek­a nokukhumbu­la nokuhlonip­ha amaqhawe ethu ngokuseben­za ngokuzikha­ndla, siqhubeke lapho begcine khona,” kusho yena.

Unkz Zulu uzofihlwa namhlanje ngomgqibel­o endaweni yasebelgra­de, khona ophololo.

 ?? ?? NGUNKZ Dudu Zulu obengusonh­lalakahle oshone engozini yemoto.
NGUNKZ Dudu Zulu obengusonh­lalakahle oshone engozini yemoto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa