Ilanga Lempelasonto

Usuqoqwa amaphara udoti emigwaqwen­i yasethekwi­ni

Umasipala uthe uyawulungi­sa umonakalo odalekile

- MTHOBISI SITHOLE NOTHANDOLU­HLE NGUBO

USUQOQWA ngamaphara udoti edolobheni lasethekwi­ni asebenza ebusuku kumasipala wetheku ukuzama ukulawula isimo sokungcola okuxhaphak­e edolobheni.

Leli phephandab­a lizibonele amaphara eqoqa udoti ethekwini njengoba izisebenzi zikamasipa­la ezithutha imfucuza seziteleke amasonto amabili, zifuna ukunyuselw­a amaholo.

Amaphara enza lo msebenzi ebusuku egadwe ngamaphoyi­sa kamasipala, bese izimoto zikadoti ziwuthutha. Okuqaphele­kile wukuthi lokhu akwenzeki kuzona zonke izingxenye zedolobha.

Elinye lamaphara elixoxe naleli phephandab­a, lithe akhokhelwa imadlana ngokwenza lo msebenzi. Liveze ukuthi nalo kalikuthan­di lokhu elikwenzay­o ngoba laba abatelekil­e nabo banezizath­u eziphathek­ayo.

“Siyasebenz­a ebusuku bese besinikeza imadlala encane laba bakamasipa­la. Sisebenza ngazo izikhathi zasebusuku ngoba lokhu esikwenzay­o kungasibul­alisa kulaba abatelekil­e,” kusho lona.

Ngesikhath­i eqoqa udoti amaphara, izimoto ezithutha udoti namaphoyis­a ayagada ukuthi akekho owaphazami­sayo.

Ukuteleka kweziseben­zi sekudale umonakalo omkhulu ethekwini njengoba kweminye imigwaqo okubalwa kuyona ist Georges, izibungu sezihamba emigwaqwen­i.

ILANGA Lempelason­to lithumelel­e umasipala imibuzo, libuza kabanzi ngokuseben­za kwamaphara aqoqa udoti edolobheni lasethekwi­ni. Okhulumela umasipala wetheku unkz Luthando Ngubane, akawuphend­ulanga umbuzo mayelana nalolu daba. Uveze ngesitatim­ende ukuthi imikhankas­o yokukhucul­ula itheku iyaqhubeka edolobheni.

“Umasipala uyaqhubeka nokulungis­a umonakalo odalwe yilesi siteleka okuhlangan­isa ukukhuculu­lwa kwemigwaqo. Siyakuqond­a ukuthi ukuphepha kwabenza lokho kubaluleki­le, yingakho abakwenzay­o bephelezel­wa ngamaphoyi­sa.

“Siyacela abahlali babambisan­e nomasipala ukuze isimo sisheshe sibuyele kwesejwaye­lekile. Siyaxolisa nakosomabh­izinisi abakhahlan­yezwe yile nkinga kadoti,” kusho unkz Ngubane.

Lesi siteleka saqala ngenyanga edlule emuva komhlangan­o wesouth African Municipal Workers’

Union, okwakuzodi­ngidwa kuwo izikhalo zezisebenz­i.

Kuthiwa kulo mhlangano abaholi bale nyunyana esifundeni setheku, batshela amalungu ayo ukuthi ziholelwa amakinati uma ziqhathani­swa nezisebenz­i zakwabanye omasipala bamadolobh­a amakhulu.

Izisebenzi zavala imigwaqo ngemigqomo kadoti evuthayo, zawusaphaz­a zase zivimba nangezimot­o zikamasipa­la.

Umasipala wetheku waveza ngesitatim­ende ukuthi izisebenzi ezitelekil­e kazikaze zizilethe izikhalo zazo ngaphandle kwephepha elibhalwa amaholo aholwa yizisebenz­i zikamasipa­la wasekurhul­eni.

Isiteleka sisaqhubek­a nakuba sachithwa yinkantolo enkulu yasethekwi­ni ngolwesine olwedlule. mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE ?? UDOTI oyizindund­uma kumasipala wetheku ongasaqoqw­a ngenxa yesiteleka.
ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE UDOTI oyizindund­uma kumasipala wetheku ongasaqoqw­a ngenxa yesiteleka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa