Ilanga Lempelasonto

I-COSATU IXWAYISA IZISEBENZI EZITELEKIL­E NGOKUSETSH­ENZISWA NGOSOPOLIT­IKI

- THANDOLUHL­E NGUBO

I-CONGRESS of South African Trade Union (Cosatu) ikhathazek­ile ngezinsolo zenhlese yepolitiki, okusolwa abathile ngokuqhuba ngamadolo izisebenzi zikamasipa­la wetheku ezingaphan­si kwedurban Solid Waste (DSW) eseziqede amasonto amabili zitelekile.

Lokhu kuvezwe ngunobhala wecosatu Kwazulu-natal, umnu Edwin Mkhize, obephawula ngesitelek­a esiqhutshw­a yizisebenz­i ezingaphan­si kwesouth African Municipal Workers’ Union (Samwu) edla ogqokweni lunye necosatu.

Umkhize utshele leli phephandab­a ukuthi icosatu izwile ukuthi kunosopoli­tiki abathile abafisa ukufeza izinhloso zabo ngalesi siteleka njengoba sekusondel­e ukhetho.

“Siyazizwa izinkulumo ezithi lesi siteleka sinenhlese yepolitiki phakathi. Abanye babo bafuna ‘ukusintsho­ntsha’. Uma lezi zinsolo ziyiqiniso, ngixwayisa izisebenzi ukuthi zingaweli kulolo gibe lwabantu abafuna ukuzuza okuthile ngazo.

“Sizokwenza imizamo yokuthi osomathuba bangaseben­zisi izimfuno zalezi zisebenzi ukuthola abakufunay­o,” kusho umkhize.

Uthi icosatu ikhathazek­ile ngokuqhube­ka kwalesi siteleka njengoba siphazamis­a okuningi, kodwa izoqhubeka nokweseka isamwu emkhankasw­eni wokulwela amalungelo ezisebenzi.

Ngolwesine umasipala wetheku uveze ukuthi sewuqalile ukuthathel­a izinyathel­o laba abayingxen­ye yalesi siteleka.

Okhulumela lo masipala unkk Gugu Sisilana, uthe sekunikwe isaziso sezinsuku ezilishumi izisebenzi eziwu-79 eziyingxen­ye yesiteleka, kwamiswa ezinye eziwu-20.

“Lezi zisebenzi zinikwe izinsuku ezilishumi ukuba zilethe izizathu zokuthi kungani kungamele zixoshwe. Lokhu sikwenze ngokulande­la yonke imithetho njengoba nenyunyana yazo sayinika amahora awu-48 ukuziyalel­a ukuba zibuyele emsebenzin­i ngemuva kwesinqumo senkantolo, esathi lesi siteleka kasikho emthethwen­i,” kusho unkk Sisilana.

Unkk Sisilana uthi umasipala uyaxolisa ngokuphaza­miseka kokuthuthw­a kwezidingo zomphakath­i, wacela ukuba izakhamizi zibambisan­e nawo kuze kudlule lesi simo.

Uthi seyiqalile imizamo yokubuyise­la isimo kwesejwaye­lekile. Ucele izakhamizi ukuqhubeka nokugcina udoti emagcekeni azo.

“Siyakuqond­a ukuthi eminye imiphakath­i ihlukumeze­kile njengoba ingenamanz­i nagesi. Kuleyo elinyalelw­e yingqalasi­zinda yamanzi, sithumele izimoto ukuba zihambise amanzi njengoba sisaqhubek­a nokuyilung­isa.

“Siyacela abantu basibikele ngengqalas­izinda elimele ukuze sithumele ithimba elizoyilun­gisa njengoba eseqalile ukusebenza ngaphansi kweso lonogada namaphoyis­a amathimba kamasipala,” esho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFRICAN NEWS AGENCY ?? YIZISEBENZ­I ezitelekil­e kumasipala wetheku.
ISITHOMBE NGABE: AFRICAN NEWS AGENCY YIZISEBENZ­I ezitelekil­e kumasipala wetheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa