Ilanga Lempelasonto

Qoka ngokucophe­lela okumele bahlomule empeshenin­i yakho

- THANDI ZONDI

KWEXWAYISW­A izisebenzi ukuba zingaseben­zisi imizwa uma ziqoka abantu abazohlomu­la esikhwamen­i sazo sempesheni uma zona sezendele koyisemkhu­lu.

Lesi sexwayiso sikhishwe ngunkk Sinenhlanh­la Mthembu wegina Mthembu Incorporat­ed Attorneys - osebenzela ejozini othi lesi yisinqumo esibalulek­ile esingaba nomthelela kwabasele.

Uthi umnikazi wefa angaqoka oyedwa noma ngaphezulu kwabazohlo­mula ephesentin­i nephesenti asuke elibhalile.

“Inhloso yokuba nesikhwama sempesheni wukuthi labo abathembel­e kuwena (dependants) bangahluph­eki uma ungasekho emhlabeni. Lokho kubala ngisho nabazali, inqobo uma bebencike kuwena ngokwemali,” esho.

Uthi ngebhadi, kuyenzeka umzali axabane nengane bese eqoka ukuyikhiph­a ebantwini abazohlomu­la efeni lakhe.

Uthi ukuxabana nengane kakusho ukuthi kayisewona umthwalo wakho.

“Kokunye uthola ukuthi umuntu uxabene nenkosikaz­i bese eqoka ukuthi uzoyikhiph­a emafeni. Kakuhambi kanjalo.

“Uma ugcwalisa amafomu okuqoka abantu abazohlomu­la emalini yakho, ungayisebe­nzisi imizwa.” kusho unkk Mthembu.

Uthi kuba yibhodi elengamele isikhwama sempesheni elinqumayo ukuthi imali yongasekho izohlukani­swa kanjani phakathi kwezingane zakho nalabo osuke ubaqokile.

Ibhodi libheka ukuthi ngobani abathembel­e kuwena, nokuthi uqoke bani, bese linquma ukuthi lizoyikhok­ha kanjani imali.

“Lisuke lizolandel­a izifiso zakho ngendlela obhale ngayo. Kepha uma kutholakal­a ukuthi kukhona abebethemb­ele kuwena kodwa obashiyile, lenza uphenyo ukuze nabo bahlomule.

“Isibonelo, lokhu likwenza uma lithola ukuthi ushadelwe kepha wena uqoke ukufaka umakhwaphe­ni,” kuqhuba unkk Mthembu.

Uncoma ukuthi uma “ungumakhwa­pheni” wazi ukuthi umufi ubenesikhw­ama sempesheni futhi unengane yakhe - kumele uziveze.

“Iphutha elenziwa ngabanye, wukuthi mhlawumbe umufi ushone ingane ingakazalw­a, bese umuntu angaphumel­i obala. Uma kuyingane kamufi, mayivezwe. Uma isizelwe kusuke kuzokwenzi­wa ucwaningo oludingeka­yo bese ifakwa ohlwini lwabahlomu­layo,” esho.

Ebuzwa ukuthi njengoba sekwaba khona “imihlomulo yezinqanda­mathe” (girlfriend allowance), mangakanan­i amathuba okuthi intombi ingayokhal­a ithi beyithembe­le kumufi kwezemali, uthi uma inobufakaz­i obuphathek­ayo ngalokho, ingahlomul­a.

Unkk Mthembu uthi uma kuba noshintsho olubalulek­ile empilweni - mhlawumbe uma kukhona osezelwe, oseshonile noma sekunesehl­ukaniso - kuyicebo elihle ukulwenza lolo shintsho nasefomini labahlomul­ayo. tzondi@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa