Ilanga Lempelasonto

Izingonyam­a esezabuza kwazisiza ukulalela izingwevu zisabusa

- Phila N. Mthethwa empangeni

MHLELI: Abakwabiye­la babengamaq­hawe endulo, kuthangi, izolo nanamuhla baseyiwona. Inkulumo yenkosi ubhekizwe Biyela eyethule ondini muva nje, la bekubuthen­e khona amakhosi asengonyam­eni, ikhombise ubuqhawe, isibindi, ukuzidela, ukumela iqiniso nobunye.

Lobu buqhawe obahlukene babukhonji­swa ngokhokho bakhe ezingonyam­eni ezahlukene Kwazulu. Ingonyama yakwadukuz­a inkosi ushaka kasenzanga­khona, yayibiza umenziwa kaxhoko wakwabiyel­a ngoyise wayo isibili.

Lokhu kwakudalwa wubuhlakan­i nobuqhawe bakhe nezeluleko eziphusile njengendod­a eyayindala kunelembe.

Ilembe laze lamganisel­a ngodadewab­o kanina omncane, lathi lifuna umuntu ozomtotosa ngoba wabe esekhulile. Lowo Mamhlongo wazala umhambi kwagobihla­hla.

Ngesikhath­i ilembe lilwa nenkosi uzwide kalanga Ndwandwe, empini eyaqala kwagqokli yadudulana yaze yayophosan­a elangwe, ethunzini yaze yayophelel­a phezu komhlathuz­e, kwakukhona umvundlana kamenziwa nabanye bakubo.

Inkosi usifiso Biyela yasemomben­i ingumzukul­wane weqhawe ugala kanodade wakwabiyel­a. Ugala nguyena owakhuza ilembe lishaya imithetho eqinile kudlule unina inkosazane unandi yasesibham­beni, intombi kambengi.

Lalithi makuzilwe kungayiwa emalawini, kungazalwa ngane ngalowo nyaka, kungalinyw­a, kungasengw­a izinkomo neminye imithetho eyayisinda.

Ngugala owaqonda ilembe walitshela ukuthi imithetho eliyibekil­e izolambisa abantu balo bafe, bese libusa bani ngoba inkosi iyinkosi ngabantu.

Lalalela ilembe, lamncoma maqede lamxoshisa ngomhlambi wezinkomo.

Ngesikhath­i ilembe lijaha inkosi usandanezw­e Mpanza, lisuka nayo esigodlwen­i sayo emanyiseni enhla nemfolozi emnyama ngasentabe­ni intabankul­u, okhukho, beze bezofika lapho ezihlangan­a khona izimfolozi, esiyembeni, laliyijaha inkosi yakwampanz­a lihamba neqhawe umagidi kamenziwa (ufasimba) lwakwabiye­la, Kwasanguye.

Inkosi umkhombisi kadumezwen­i inqabayemb­ube/ inqabayeng­onyama yakwabiyel­a ogelweni, obuka, yabe izalwa yisithole sesizwe umntwana unokusa kadabulama­nzi kampande, ezulwini.

Yaqokwa yisilo umaphumzan­a kadinuzulu njengeseke­la likandunan­kulu wesizwe samazulu.

Bekuwumasi­ngana (January) ngo2009 umdlokomba­na ebize amakhosi Kwalinduzu­lu, Kwanongoma.

Inkosi Phangifa Biyela yakwampuka­ne, edlangubo, yatshela isilo emehlweni, yathi inxeba livulwe yiso isilo, siqhelile emakhosini nakundunan­kulu waso, yingakho kunje.

Yangenelel­a nenkosi Velemandle­ni yakwabiyel­a, kwasanguye. Udaba lwalunge“bhubesi lasenhlang­wini” inkosi umelizwe Dlamini eseyakhoth­ama, eyayidume ngokuqondi­sa ukotini. Yayilinyak­azisa izwe, ingabhedil­e, isiwadlile amakhosi amaningi asogwini.

Sakhuzeka isilo, sezwa sabuyisana namakhosi njengoba sebuza sesiyimbum­ba namaduna aso.

Ibhavumuli­le-ke inkunz’ ebomvu kwezikamth­iyaqhwa. Siyakholwa wukuthi izolalelwa njengengwe­vu endala. Okudlula lapho-ke kuyofana nokuthi kushaywe irobhothi elibomvu. Mangibonge mhleli.

 ?? ?? YINKOSI ubhekizwe Biyela yasemahlay­izeni, enconywa ngokuba nesibindi nokulimela iqiniso.
YINKOSI ubhekizwe Biyela yasemahlay­izeni, enconywa ngokuba nesibindi nokulimela iqiniso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa