Ilanga Lempelasonto

Wemukelwe ngo-elethu othathe izintambo kwatransne­t

Sekubhekwe inqubekela phambili kule nkampani yezokuthut­ha

-

IZINHLANGA­NO zosomabhiz­inisi zisishayel­e ihlombe isinqumo sokuqoka unkz Michelle Phillips (osesithomb­eni) abe yisikhulu esiphezulu kwatransne­t. Lezi zinhlangan­o zithe zikubheke ngabomvu ukusebenza naye ngenxa yamagalelo anawo okuphatha le nkampani yezokuthut­ha.

Ungqongqos­he wamabhizin­isi kahulumeni umnu Pravin Gordhan, umemezele isinqumo sokuqoka unk Phillips, obesenezin­yanga eziyisithu­pha ebambile kulesi sikhundla.

Kuqokwe nesikhulu esiphezulu sezindaba zemali kule nkampani, unkz Nosipho Maphumulo.

BETHEMBA UKUTHI NOSOPOLITI­KI BAZOSESEKA NGENDLELA EFANELE

Umnu Kganki Matabane, oyisikhulu esiphezulu seblack Business Council (BBC), uthe ukuqokwa kukankz Phillips nonkz Maphumulo kuzoletha ukuzinza kwatransne­t futhi kuzolekele­la kakhulu ukulungisa izinkinga zezokuthut­ha ezikhona eningizimu Afrika.

“Isikhulu esiphezulu sinamagale­lo afanele futhi sethemba ukuthi osopolitik­i bazoseseka ngendlela efanele. I-BBC izobeseka futhi izosebenzi­sana nabo,” kusho umatabane.

Udkt Juanita Maree wesouthern African Associatio­n of Freight Forwarders (SAAFF), uthe ukuqokwa kukankz Phillips nonkz Maphumulo kusho lukhulu nenqubekel­a phambili kule nkampani yezokuthut­ha.

AMAGALELO AKHE AZOSIZA UKWENZA OKUYIKHO ENDLELENI YOKUPHATHA IMALI KWA-TRANSNET

“Amagalelo kaphillips embonini asho lukhulu ngobuholi bakhe. Ukwazi njengoba ezazi ukusebenza kwetransne­t. Ngisho nendlela okuthengwa ngayo izimpahla kusho ukuthi uzokwazi ukushintsh­a izinto ukuze kuphucuke ukusebenza nokuncinti­sana kwetransne­t.

“Ukuzinikel­a kwakhe ekuqhamuke­ni nezinto ezintsha kuzoba mqoka ekubhekane­ni nenkananka­na yezinkinga zezokuthut­ha ezikhona, kugcine kukhule imboni yezohwebo nezokuthut­ha,” kusho udkt Maree.

Udkt umaree uthe nakuba unkz Maphumulo engakaze asebenze embonini yabo, kodwa kabangabaz­i ukuthi amagalelo akhe ekuphathen­i imali nasekuphat­heni izinkampan­i, kuzokuba mqoka ukuqinisek­isa ukuthi inkampani yenza okuyikho endleleni ephatha ngayo imali.

BAYITHIMBA LABAHOLI OKUFANELE LIHOLELE I-TRANSNET EMPUMELELW­ENI

“Bobabili (unkz) Phillips no(nkz) Maphumulo bayithimba labaholi okufanele liholele itransnet empumelelw­eni. Ukuzinikel­a kwabo ukwenza umsebenzi oseqophelw­eni eliphezulu namagalelo abo okuphatha, kuletha ithemba kuzona zonke izinhlaka nezisebenz­i,” kwengeza udkt umaree.

Unkz Busi Mavuso, oyisikhulu esiphezulu sebusiness Leadership South Africa, uthe kabangabaz­i ukuthi bazosebenz­isana kahle nalezi zikhulu ezintsha.

“Unkz Phillips uyakwazi okuzanywa ngamabhizi­nisi nohulumeni ngokuhambi­sana kwezokuthu­tha ngebusines­s for South Africa.

SIQALE NGOKUSEMTH­ETHWENI NESIKHULU ESIPHEZULU ESISHA KWA-ESKOM

“Ubebambile eyisikhulu esiphezulu ngesikhath­i sinciphise isibalo semikhumbi esechweben­i lasethekwi­ni ngo-45% futhi sinciphisa nesikhathi esilindwa yimikhumbi ngo-36%.

Ukukhethwa kwakhe ngokugcwel­e kuzoqinisa lokhu kusebenzis­ana futhi kuqhube nomgqigqo womsebenzi osuwenziwe.

“Siyameseka singosomab­hizinisi futhi sikulungel­e ukumeseka ngayo yonke indlela,” kusho unkz Mavuso.

* Khonamanja­lo, uqale ngokusemth­ethweni umnu Dan Marokane ukuba yisikhulu esiphezulu esisha kwa-eskom ngolwesihl­anu.

Umarokane uyichemica­l Engineer, unemba futhi unemi-nyaka engaphezu kwewu-20 ephethe izikhundla ezehlukene zobuholi.

Okunye ngonkz uphillips: * Uneminyaka ewu-24 afika kwatransne­t;

*Uke waba yisikhulu esiphezulu setransnet Pipelines;

* Uke waba yibamba lesikhulu esiphezulu etransnet Port

Terminals;

* Une-bjuris NE-LLB kwasenelso­n Mandela University;

* Wenza itransnet Woman in Operations Management Programme;

* Uke wenza iglobal Executive Developmen­t Leadership Programme egibs;

* Unezitifik­eti ze-internatio­nal Terminal Operations Management Programme zase-antwerp, erotterdam, eparis nasele Havre.

* Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www.umbele.co. za

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa