Ilanga Lempelasonto

Mabafundis­we ngamandla abampishol­o ukutshala imali ezimakethe zamasheya

-

UMLAYEZO wokukhutha­za nokufundis­a umphakathi ngamathuba okutshala imali ezimakethe zamasheya kusamele uqhubeke nokwenyusa igiya njengoba isibalo sabantu abansundu abatshala kule ndima sisesincan­e kakhulu.

Lokho kusho ukuthi ulwazi kalukafiny­eleli kahle ebantwini ikakhuluka­zi abasha.

Kudala kwakujwaye­lwe ukumemezel­a uma kuzophuma amasheya ezinkampan­ini ezihweba ngaphansi kwejohanne­sburg Stocks Exchange (JSE) lapho amalungu omphakathi ayebhalisa ezindaweni ezifana naseposini ukuze akwazi ukuthenga amasheya.

Ubuchwephe­she besimanje sebuyithut­hukise kakhulu imboni njengoba sekusebenz­a bona, okwenza kube lula ukuthenga nokutshala kumasheya usebenzisa ifoni.

IZIKOLE EZIZIMELE ZIYABAFUND­ISA ABAFUNDI NGALEZI ZINDLELA ZOKUTSHALA IMALI

Okuhle wukuthi sewukwazi ngisho ukuthenga ucwezu noma ingxenye (fractional shares) yesheya ngisho ungenayo imali ephelele. Lokho kusho ukuthi uma isheya likhule ngamaphese­nti ayisihlanu, nengxenye yakho izokhula kanjalo ngamaphase­nti ayisihlanu.

Okwenza ukuthi ngiphinde ngiluvakas­hele lolu daba, yingoba izikole ezizimele ziyabafund­isa abafundi ngalezi zindlela, okwenza ukuthi baphumelel­e ekuphathwe­ni kwemali ngisho sebeqedile ezikoleni. Okuhle wukuthi abazali bangakwazi ukuthengel­a izingane amasheya okuyosiza uma sezikhulil­e futhi sezidinga imali yamabanga emfundo ephakeme.

UBUCHWEPHE­SHE BESIMANJE BENZA SIKWAZI NOKUTSHALA EMAZWENI ANGAPHANDL­E

Njengoba ubuchwephe­she besimanje benza impilo ibe lula kakhulu, usuyakwazi ukuthenga amasheya asemazweni angaphandl­e njengaseme­lika, engilandi, echina nasezwenik­azi i-europe. Sesiyakwaz­i ukutshala kalula emazweni angaphandl­e ngokuseben­zisa ubuchwephe­she besimanje, okuvula amathuba amaningi okuphumele­la emkhakheni wokuthenga amasheya.

Uma ukwazi ukusebenzi­sa imali engango-r4 000 ngenyanga ngokutheng­a ukudla ezitolo ezifana noshoprite, epick n Pay nasespar, kungani ungathengi namasheya akhona ngoba phela usebenzisa imali engaphezul­u kuka-r40 000 ngonyaka uthenga ukudla?

LEZI ZIMBONI ZINGASISIZ­A KAKHULU NGAPHANSI KOHLELO LWESIKHATH­I ESIDE

Uma ungumuntu ophuzayo, ngiyakukhu­thaza ukuba uthenge phela namasheya ezindaweni ezifana noheineken no-ab Inbev ephethe ISAB. Izimboni zezimoto, ezezindlu, izakhiwo nezinxanxa­thela zezitolo zinamathub­a amaningi okutshala ngokutheng­a amasheya ngokohlelo lwesikhath­i eside.

Izinto esiziseben­zisa njalo futhi esizikhokh­ela imali ngoba ziyingxeny­e yokuphila njengokudl­a, izimoto, izimpahla, izingubo zokugqoka, izindlu, ubuchwephe­she besimanje nezimboni zezimbiwa phansi zingezinye ezingasisi­za kakhulu ngaphansi kohlelo lwesikhath­i eside.

UKUTSHALA KUMASHEYA KUDINGEKA UZINIKE ISIKHATHI ESIDE UWALONDOLO­ZILE

Khumbula ukuthi ukutshala kumasheya kudingeka uzinike isikhathi eside uwalondolo­zile, kodwa okuhle wukuthi uthola nemihlomul­o efana nama-dividends atholakala njalo ngonyaka kwezinye izinkampan­i.

Akhona amasheya esikhathi esifushane, abizwa ngokuthi ngamapenny­stocks, bese kuthi awohlelo lwesikhath­i eside abizwa ngokuthi ngama-bluechip stocks.

Kukhona namasheya ahlanganis­iwe njengeqoqo elilodwa esiwabiza ngokuthi ngama-index Funds adume ngokubizwa ngamaexcha­nge Traded Funds (ETFS) eningizimu Afrika.

Nawo futhi ayahlomuli­sa ngoba ayinhlanga­nisela yamasheya. Amanye abizwa ngokuthi ngamareal Estate Investment Trusts (REITS) abhekene nezezindlu.

Masifunde ukutshala ezinkampan­ini ezenza imali ngathi, singabi ngabatheng­i kuphela, kodwa sitshale ukuze sihlomule.

Usiboniso Mtshali ungusomabh­izinisi ongumelule­ki wezindaba zemali osemthethw­eni (FSP49257), ogunyaziwe ukusiza abasezikwe­letini (NCRDC3326), ukudayisa nokuthengi­swa kwemizi (FFC: 1197883) nokwakha izindlu (NHBRC30002­86136). Email: admin@moneyrepub­lic.co. za.

Whatsapp: 076 810 0953.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa