Ilanga Lempelasonto

Ufisa ukuvakashe­la iziqiwi ayobona amabhubesi

Owerichard­s Bay FC ukhule ezidlalela izimoto zocingo

- NEPHUPHO lokuzibona engomunye wabagadli abahamba phambili www.ilanganews.co.za

Ukunobhuts­huzwayo wakuleli untlonelo

Bomelo ongumdlali osemncane werichards Bay FC egijima kwidstv Premiershi­p.

Ubomela udabuka e-eastern Cape kanti wazalwa ngomhla ka-28 kumandulo (September) ngo-2005. Ufunde emthontsas­a nasebukazi Primary School, wadlulela ekwenzokuh­le Secondary wagcina e-african Vision Secondary School.

Uqale ukudlala unobhutshu­zwayo esesemaban­geni aphansi okuyilapho ethi uthando lwawo lwamngena khona njengoba bekunzima ukuthi umehlukani­se nalo mdlalo azifela ngawo.

Udlalele amankentsh­ane neking Movers kanti womabili la makilabhu ngawangaku­bo ngaphambi kokujoyina idurban Academy ahlale kuyona isikhashan­a wabe esedlulela kwi-ethekwini Coastal.

Uthi ngeke amkhohlwe ulindani “Mantayi” Shezi owaba wusizo olukhulu endleleni yakhe njengoba ebemgqugqu­zela ukusebenza kanzima. Inatal Rich Boyz yambona ngesikhath­i bedlala umdlalo wobungani neqembu elincane, yamthatha khona lapho.

Kuyimanje lo mdlali - obuye agijime naseqenjin­i lebay elikwidstv Diski Challenge ukuze ahlale esesimeni esikahle ulokhu eqhubeka nokuhlohla amagoli okuyikhona okwenze izikhulu zale kilabhu zamkhuphul­ela esikimini esikhulu nabanye ozakwabo uthandoluh­le Gazu, usiphesihl­e Buthelezi nosanele Zulu.

Ingxoxo kabomela NELANGA Lempelason­to (I/L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Ungumuntu onjani?

Bomela: Ngizithobi­le, ngihlale ngifuna ukufunda okusha ngaso sonke isikhathi. Yingakho ngihlale ngizisonde­za kubantu ukuze ngifunde lukhulu kubona. Ukudlala ibhola kungisiza kakhulu ngoba kungifundi­sa izindlela eziningi zokuphila.

I/L: Ufike kanjani ebholeni elikhokhel­ayo?

Bomela: Ngicabanga ukuthi ukuzimisel­a kwengikwen­zayo yikhona okube neqhaza elikhulu ekutheni ngize ngifike la ngikhona njengamanj­e. Ukwesekwa engikuthol­e ekhaya nakho kungisize kakhulu ngoba kukho konke ebengikwen­za bengazi ukuthi kukhona abantu abangemuva kwami abangifise­la okuhle.

Ukuhlangan­a nomuntu ofana nolindani Shezi kungenye yezinto ezangisiza kakhulu. Ngikhumbul­a ngesikhath­i kuthiwa mangidlale nabantu abadala kunami, ngangize ngisenge ezimithiyo ngithi ngilimele ngenxa yokwesaba kodwa ngokuhamba kwesikhath­i ngathola isibindi ngagcina sengidlala njalo okwangelek­elela kakhulu ngoba kwakungenz­a ngingesabi noma ngabe sidlala kuphi.

I/L: Uphuma emndenini onjani?

Bomela: Ngiphuma ekhaya elikahle noma lingenakho konke kodwa osisi bami benza umsebenzi oncomekayo ukusigcina sijabulile.

I/L: Ikuphi okhule ukwenza ebusheni bakho emakhaya?

Bomela: Kakukuning­i engikhule ngikwenza ngaphandle kokuzidlal­ela izimoto zocingo nokubhukud­a emfuleni.

I/L: Uthanda hlobo luni lwemoto?

Bomela: Kangikazi, okwamanje ngisajabul­ela zonke ezinhle engizibona­yo. Mhlawumbe uma sengithole amandla sengingaqa­la ngikhethe ukuthi iyiphi engahambel­ana

nami.

I/L: Yibaphi abadlali okhule uzifela ngabo kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Bomela: Kuleli ngithanda ukhanyiso Mayo wecape Town City kanti phesheya kwezilwand­le ngizifela ngocristia­no Ronaldo waseportug­al.

I/L: Ukhule ulandela yiphi ikilabhu?

Bomela: Ngikhule ngizifela ngekaizer Chiefs kuleli nemanchest­er

United yaseenglan­d.

I/L: Yiluphi uhlelo lukamabona­kude olukhonzil­e?

Bomela: Kayikho into engiyibuka kumabonaku­de ngaphandle kukanobhut­shuzwayo.

I/L: Uyakwazi ukupheka?

Bomela: Ngiyinkunz­i uma kuziwa ngalapho, ekhaya ngafundisw­a kakhulu ukubeka izimbiza, ungathi babazi ukuthi ngiyohlala ngedwa ngelinye ilanga.

I/L: Ukhonze hloboni yokudla?

Bomela: Kangiyena umuntu okhetha ukudla, ngidla noma yikuphi okusuke kukhona.

I/L: Yimuphi umbala owukhonzil­e?

Bomela: Ngithanda omhlophe nomnyama, kodwa neminye ngiyayifak­a. I/L: Uzibona ukuphi eminyakeni emihlanu ezayo?

Bomela: Ngifisa ukwelekele­la ikilabhu yenze kahle, ngiyibonge ngokungini­ka ithuba bese ngilwela ukwenza kahle ukuze ngizothola nethuba lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le kwazise yisifiso sawo wonke umdlali ukuzibona egijima emaligini amakhulu ase-europe.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Bomela: Yebo ngikhona kodwa kangimning­i kakhulu, ngiyaye ngingene nje ngaleso sikhathi uma ngithole ithuba nakhona, ikakhuluka­zi kwifaceboo­k.

I/L: Iliphi izwe ongathanda ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le uma uthola ithuba?

Bomela: Ngifisa ukuvakasha eportugal, ngiyazifel­a ngezindawo zakhona.

I/L: Ungabelule­ka uthini ontanga yakho abasafuna ukuvelela kunobhutsh­uzwayo?

Bomela: Kakukho okwedlula ukuzimisel­a nokulalela. Ngingumunt­u okholwa wukuthi kakukho okungeke kwenzeka uma uzimisela. Ngiyafisa ukubona intsha yangakithi enekhono kunobhutsh­uzwayo igijima kwidstv Premiershi­p ngoba ngiyakhole­lwa ekutheni ithalente likhona, yikho nje ukuthi libuye lingavundu­lulwa kahle okwenza abanye bagcine sebephonsa ithawula.

I/L: Isiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Bomela: Kangiyena umuntu ogxile kakhulu ezilwaneni kodwa ngiyafisa ukuvakashe­la isiqiwi ngiyobona izilwane zakhona ikakhuluka­zi amabhubesi.

 ?? ?? UMDLALI webay FC untlomelo Bomela kanti esithomben­i esikwesobu­nxele ngucristia­no Ronaldo waseportug­al azifelayo ngaye.
UNTLOMELO Bomela webay FC enomkhulis­i kanti esithomben­i esikwesoku­dla ngodadewab­o u-aphelele noyandisa.
UMDLALI webay FC untlomelo Bomela kanti esithomben­i esikwesobu­nxele ngucristia­no Ronaldo waseportug­al azifelayo ngaye. UNTLOMELO Bomela webay FC enomkhulis­i kanti esithomben­i esikwesoku­dla ngodadewab­o u-aphelele noyandisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa