Ilanga Lempelasonto

UMABASA ULWELA UKUBA NGUMDLALI OMQOKA KWI-BUCS

- SENZO SOKHELA

UPHUMELA obala ngesizathu esenze wabuyela kwi-orlando Pirates umgadli wale kilabhu obephila ngokuntunt­a nendishi, ebolekiswa.

Ibucs izokwamuke­la omkhaya bayo, ikaizer Chiefs kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-15h30 EFNB Stadium, esoweto.

Utshegofat­so Mabasa (27) (osesithomb­eni), ungomunye wabagadli bebucs ababhekiwe kulo mdlalo njengoba esanda kukhuza ibuya kule kilabhu.

Ibucs ibimubolek­ise kwimoroka Swallows ekuqaleni kwesizini kodwa yamubuyisa njengoba iswallows ibihaqwe yizinkinga zemali, abadlali beteleka ngenxa yokungahol­i.

Ezinyonini uhambe esevalele amagoli awu-6 kwiligi, okumenze wabalwa nabadlali abahamba phambili.

Ngesizini edlule ubebolekis­we kwisekhukh­une United.

Umabasa uveza isizathu esenze wakhuza ibuya kwibucs.

“Into engiyithan­dayo ngale kilabhu wukuthi kunobunye, okungenye yezinto engibuyisi­le.

“Noma ubuka nje ungaphandl­e uyakuhalel­a ukuba yingxenye yale kilabhu.

“Ibucs ingikhumbu­za ngezikhath­i zami ngisekwibl­oemfontein Celtic, lapho kwakunalow­o muzwa wukuzwana.

“Ngikholwa wukuthi yiyona into eyenze yanqoba inedbank Cup NEMTN8 kabili.

“Kodwa-ke bengilokhu ngifuna ukuzizwa ngibalulek­ile nami kule kilabhu ebengingum­landeli wayo ngisakhula.

“Ngikholwa wukuthi zonke izinto engidlule kuzona zingikhuli­sile, luqine ngokwanele ukhakhayi manje.

“Khona bekungipha­tha kabi ukulokhu ngibolekis­wa kodwa manje yithuba lami lokuzibona­kalisa ukuthi ngiphethen­i.

“Ngikwazile ukuziphaka­misa ngesikhath­i ngibolekis­we kwiswallow­s, ngayishaye­la amagoli.

“Ngethemba ukuthi namanje ngizoyisiz­a ipirates inqobe imidlalo,” kusho umabasa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa