Ilanga Lempelasonto

ABHEKENE NOMQANSA AWASE-KZN AGIJIMA KWI-MFC

- MFANAFUTHI NDLOVU

ABHEKENE nomqansa amakilabhu akwazulu-natal agijima kwimotsepe Foundation Championsh­ip (MFC) njengoba eqhathwe namakilabh­u angabhenyw­a kulesi sigaba namuhla ngomgqibel­o ezinkundle­ni ezahlukene.

Imaritzbur­g United izovovana inkani ne-orbit College - emise kabi imagesi FC esicongwen­i SEMFC - namuhla ngo-15h30 e-olympia Park.

Lo mdlalo ubukeka unzima kwiteam of Choice njengoba isazama ukuhlangan­a kahle.

Ngakolunye uhlangothi, imilford FC - ebhabhadis­we yihungry Lions ngo-3-1 isekhaya ngeledlule - izobhekana NEJDR Stars esazikhoth­a amanxeba ngemuva kokushayel­wa ekhaya yi-upington City ngeledlule. Lo mdlalo unamuhla ngo-15h30 esoshanguv­e Stadium, epitoli.

Khonamanja­lo, udan “Dance” Malesela ocija ibaroka FC, ukhala ngokudlali­swa ngonondweb­a abangenalo ulwazi lwalo msebenzi kulesi sigaba. Uthi umincele ukuthi banikwe ozokwazi ukushaya kahle indweba uma sebebheken­e nevenda FC kusasa ngesonto ngo-15h30 eglobal Stadium.

“Ipremier Soccer League (PSL) kufanele iyibheke indaba yemidlalo esiyidlala­yo ngoba bonke abantu bayakhala ngesimo esikhona.

“Ngikholwa wukuthi abadlali bami bazokwazi ukulwa ukuze sibuye namaphuzu agcwele kwivenda FC,” kusho umalesela.

Uduncan Lechesa ocija ivenda FC, uthi usalwa nemiqondo yabadlali njengoba isimo singahambi kahle kubona.

Uzama inhlanhla kwiplatinu­m City Rovers unkanyiso Zungu wodumo kwi-orlando Pirates.

Isiyonke imidlalo YEMFC engempelas­onto imi kanje:

NAMUHLA

Ethohoyand­ou: Black Leopards vs Magesi FC 15h30.

E-olympia Park: Orbit College vs Maritzburg United 15h30.

Esoshanguv­e Stadium: JDR Stars vs Milford FC 15h30.

E-isak Steyl: Platinum City Rovers vs Pretoria Callies 15h30.

Egiyani Stadium: Casric Stars vs NB La Masia 15h30.

Emxolisi Dicksy Stadium: Upington City vs Marumo Gallants 15h30.

KUSASA

Eglobal Stadium: Baroka FC vs Venda FC 15h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa