Ilanga Lempelasonto

Sithembisa lukhulu isilomo sesundowns

Umshishi uzobonakal­a okokuqala edlala kuleli emuva kwe-afcon

-

SENZO SOKHELA

SITHEMBISA lukhulu isilomo semamelodi Sundowns, uthemba “Mshishi” Zwane, okusabhekw­e lukhulu kusona ngale sizini.

Idowns izokhiphan­a inkani nechippa United kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-20h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Idowns bekufanele ibhekane nets Galaxy koweligi ngolwesith­athu ebusuku embombela Stadium, empumalang­a kodwa lo mdlalo wahlehlisw­a emuva kokuba ibhasi legalaxy libe sengozini yomgwaqo, kwashona umuntu wesifazane.

Idowns ithole ithuba lokuphumul­a kwazise inoxhaxha lwemidlalo njengoba ibuye igijime neyecaf Champions League.

Uzwane ekhuluma okokuqala ngqa nabezindab­a emuva kokuba ebuye kwi-africa Cup of Nations (Afcon) esongwe ngenyanga edlule e-ivory Coast, uthembise lukhulu njengoba ezakhe zibuyela ensimini.

“Ngijabule njengoba sengibuyil­e eqenjini, konke kuhamba kahle, imimoya iphezulu ekhempini, bonke abantu baqatha, bafuna ukudlala.

“Sonke siyazi ukuthi yini esifuna ukuyizuza njengekila­bhu. “Siyikilabh­u ejabulile, sikulangaz­elele ukudlala senze lokhu esidume ngakho,” esho. Uthi umdlalo wabo nechippa ngeke uze ube lula. “Uma sibhekene nechippa, ivele ibe nalowo mfutho nje, kuba nale nto eyifakayo eyenza umdlalo ube nzima. “Kodwa okuyikhona okwenza ukuthi ibe yingozi nakakhulu njengoba iza kithina, wukuthi iwinile phakathi nesonto, imimoya iphezulu nakuyona, izoza ngomfutho.

“Kodwa-ke siyilindel­e ngoba siwubukile nomdlalo wayo. “Engingakut­hembisa abalandeli bethu wukuthi lo mdlalo uzoba seqophelwe­ni eliphezulu, kuzodlalwa ibhola elimnandi. “Wumdlalo okufanele noma kanjani abantu bawubuke lona ngoba uzokuba seqophelwe­ni eliphezulu, bazobona into yamehlo,” esho.

 ?? ??
 ?? ?? NGUTHEMBA Zwane
NGUTHEMBA Zwane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa