Ilanga Lempelasonto

Ungcofa ibucs umqeqeshi wechiefs

Uthi nakanjani bazoyimboz­a ngabalande­li kwisoweto Derby

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wekaizer Chiefs, ucavin Johnson, ungcofe omkhaya, i-orlando Pirates ngaphambi komdlalo omqoka futhi obhekwe ngabomvu walezi zinkunzi zasesoweto.

Ichiefs izovakashe­la ipirates kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-15h30 EFNB Stadium, esoweto. Izokuya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba inqobe ngo-1-0 umdlalo welamontvi­lle Golden Arrows obungolwes­ibili ebusuku kuyo le nkundla engenhla.

Yize kunjalo, kodwa abawazi kangcono lo mdlalo womkhaya, bathi ifomu yala makilabhu isuke

ingasasho lutho uma esebhekene njengoba iphuma ngefasitel­a.

Ekhuluma ngalo mdlalo ujohnson, uthe: “Sizilungis­elele ngokweqoph­elo eliphezulu. Siya kulo mdlalo ngenhloso yokuyozith­okozisa phambi kwabalande­li bethu abawu-100 000, esilindele ukuthi baphume ngezinkani.

“Nginesiqin­iseko sokuthi u-99 000 kuzobe kungabalan­deli bechiefs, yingakho kufanele siqiniseki­se ukuthi siyokwenza konke okusemandl­eni okunqoba lo mdlalo.”

Lo mqeqeshi usho la mazwi sakuchoma. Uthe kuyintokoz­o kuyena ukuba yingxenye yalo mdlalo womkhaya ohlonishwa umhlaba wonke.

“Lo mdlalo mkhulu ngendlela esabekayo, ukuba yingxenye yawo kusho lukhulu. Ubalwa neyomkhaya ewu-10 emikhulu emhlabeni. Uma ungumqeqes­hi wesikhungo esikhulu njengalesi sechiefs, uzodlala nesinye isikhungo njengesepi­rates, kuyinto enkulu kabi lokho.

“Kodwa-ke amalungise­lelo siwahlele ngohlelo lwalo mdlalo esiya kuwona. Kuzofanele siye kuwona ngomkhulu umfutho. “Esikwaziyo wukuthi sobabili siyolwela ukuthi ngobani abayizingq­ungqulu zikanobhut­shuzwayo wakuleli,” esho.

Ujose Riveiro ongumqeqes­hi wepirates, uthi bafuna ukuqhubeka lapho begcine khona ngomzulisw­ano wokuqala njengoba banqoba ichiefs ngo-1-0 ngolwezi (November). Uthi sebelwela ukungadede­li lutho uma bedlalela ekhaya.

Kulo mdlalo kubhekwe abadlali abasebanca­ne bala makilabhu futhi abashaye amagoli emidlalwen­i yawo yokugcina, okuwukeleb­ohile Mofokeng kwibucs nowandile Duba kwichiefs.

Kanti kubhekwe ukuba bathole amabhola axoxa indaba esiswini kukeagan

Dolly, uhappy Mashiane nonkosingi­phile Ngcobo ezimpofane­ni kanti kwezimnyam­a uthalente Mbatha, udeon

Hotto nomiguel

Timm.

Isiyonke imidlalo yedstv Premiershi­p engempelas­onto iqhathwe KANJENA:NGOMGQIBEL­O

E-FNB Stadium:

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa