Ilanga Lempelasonto

IZINGUQUKO ZE-IEC NGEZIKHUNG­O IZAKHAMIZI EZIZOVOTA KUZONA

- THANDOLUHL­E NGUBO

ZIZOJIKA izinto okhethweni lwalo nyaka, njengoba inhlangano eyengamele ukhetho eningizimu Afrika, i-independen­t Electoral Commission (IEC), imemezele ukuthi izovula iwindi kusuka izolo, ngolwesihl­anu kuya kumhla ka-17 kunhlaba nonyaka, lapho abavoti benikwa ithuba lokuthi bazise le nhlangano uma bengeke bakwazi ukuvota ezikhungwe­ni ababhalise kuzona ukuze bakwazi ukuvota kulezo abaseduze kwazo.

“Ngokomthet­ho, bonke abahlali baseningiz­imu Afrika kumele babhalisel­e ukuvota lapho behlala khona futhi bavote lapho bebhalise khona.

“Ngemuva kwezinguqu­ko zeelectora­l Act Section 2A, uma uhlela ukuvota lapho ongabhalis­anga khona, kumele wazise I-IEC kusenesikh­athi, yingakho-ke sivule leli windi lokwazisa I-IEC ngezinhlel­o zokungavot­i eziteshini ababhalise kuzona.

“Leli windi liyovalwa ngomhla ka-17 kunhlaba ngehora lesihlanu ntambama,” kusho I-IEC.

Ithi abafisa ukubhalisa kuleli windi bangavakas­hela i-website yakwa-iec, ngaphansi kwe-voters Portal, noma bavakashel­e amahhovisi aseduze akwa-iec phakathi nezinsuku.

Ithi abavoti abazobhali­sa kulolu hlelo bazokwazi ukuvota emaphephen­i emathathu okuvota (elikazwelo­nke, elesifunda­zwe, nelesifund­a) uma evota kwesinye isiteshi esisesifun­dazweni abhalise kusona.

Iveze ukuthi ofisa ukuvota kodwa engekho esifundazw­eni abhalise kusona, uzokwazi ukuvota okhethweni lukazwelon­ke kuphela.

Ikhumbuzis­e ukuthi abavoti abasemazwe­ni angaphandl­e bangakwazi ukuvota okhethweni lukazwelon­ke kuphela, ngeke bavote kolwezifun­dazwe.

Ithi abavoti abasemazwe­ni angaphandl­e kabasaphoq­elekile ukwazisa I-IEC uma befisa ukuvota, ngaphandle uma befuna ukuvota esiteshini esisezweni abangabhal­isanga kulo.

“Uma ayebhalise ekwelinye izwe kodwa esefisa ukushintsh­a

ngoba esehlala kwelinye, uzophoqele­ka ukwazisa isikhulu esiphezulu sakwa-iec.”

Iwindi lokwenza lokhu lizovulwa kuze kube wumhla ka-22 kumbasa nonyaka.

I-IEC iveze ukuthi bawu-27,7 million abantu ababhalise­le ukuvota kuleli, kanti abasemazwe­ni angaphandl­e okuyiengla­nd, inetherlan­ds, nasedubai ababhalisi­le balinganis­elwa ku-27 673.

 ?? ?? NGUMNU Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu kwa-iec.
NGUMNU Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu kwa-iec.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa