Ilanga Lempelasonto

Liphezulu igama likakelly ngokubulaw­a kukameyiwa

Inkantolo izwe ukuthi nguyena owakhokhel­a untanzi u-r45 000 ngalowo msebenzi

-

KUVELE okushaqisa­yo izolo ngolwesihl­anu, enkantolo enkulu yasepitoli ukuthi ummangalel­wa wesibili, ubongani Ntanzi ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa owayenguno­zinti we-orlando Pirates nebafana Bafana, owadutshul­wa wabulawa ngo-2014, wakhokhelw­a u-r45 000 ngokwenza lowo msebenzi.

Kuvele nokuthi ngukelly Khumalo owakhipha umyalelo. Kuphinde kwavela nokuthi uyise kammangale­lwa wokuqala, umuzikawuk­hulelwa Sibiya, wahola umhlangano owaphuma nesinqumo sokuthi udaba lokubulawa kukameyiwa lungabikwa emaphoyise­ni.

Lokhu kuvele izolo ngolwesihl­anu, ngesikhath­i kugibele ebhokisini ufakazi wombuso, Ult-col Solomon Raphadu, ofunde isitatimen­de athi senziwa nguntanzi kuyena esiteshini samaphoyis­a emoroka, ngo-2020.

“Ngafonelwa ngumthokoz­iseni, owayenomap­hisa, bathi bafuna ngibalekel­ele ngomsebenz­i othile obalulekil­e, ngavuma, ngase ngiya egoli.

“Ngaya ehostela evooslorus, ngahlangan­a nomuzi Sibiya nosifiso Zungu owaziwa ngelikanka­ni, owasinika ulwazi lwangaphak­athi.

“Ehostela sesihlange­ne nocarlos nomaphisa, ngatshelwa ukuthi umsebenzi ngowokubul­ala umeyiwa, nokuthi lokhu kwakuhlelw­a ngukelly Khumalo, okunguyena futhi ozokhokha. Sahlukanis­wa ngemiseben­zi esasizoyen­za. “Unkani wayezoshay­ela, usibiya agade, mina nocarlos singene ngaphakath­i, umaphisa abe ngaphandle ukuze asilekelel­e uma kukhona okungahamb­i kahle,” kufunda uraphandu.

Uthi sebesendaw­eni yesigameko, bangena, baphoqa ababephaka­thi ukuba babanike imali nezingcing­o. Ngesikhath­i umeyiwa egxuma ehilizisan­a nocarlos, kwaqhuma isibhamu kabili, inhlamvu eyodwa yashaya umeyiwa esifubeni. Uthi ngemuva kwesigamek­o, babuyela ehostela wanikwa u-r15 000, wahamba nonkani beya egoli.

Ngakusasa waya edaveton, wahlala izinsukwan­a ngaphambi kokuthi unkani abuye amnike u-r30 000. Uthi imali abayithola kayibagcul­isanga kangangoba babamba umhlangano endaweni yasemahlat­hini, owalandelw­a wukuthi usibiya apotshoze ulwazi kwabathile ngokubulaw­a kukameyiwa.

Uthi kwaba nokuxabana phakathi kukasibiya nabanye ababili abangeyona ingxenye yecala. Kwaze kwabanjwa umhlangano kubo kasibiya uholwa nguyise kamuzi, owanquma ukuthi udaba lokubulawa kukameyiwa kumele lunyathelw­e, lugcinwe luyimfihlo. Nomndeni kuthiwa wawugcina lowo myalelo.

Ummeli kantanzi, umnu Sipho Ramosepele, usichithil­e lesi sitatimend­e, watshela inkantolo ukuthi ukube senziwa yikilayent­i lakhe, ngabe sibhalwe ngesizulu.

Ijaji uratha Mokgoatlhe­ng lithe umbuso kusamele wethule ubufakazi bokuqinise­kisa ukuthi izitatimen­de ezethulwa enkantolo zenziwa yilabo okuthiwa bazenzile.

Leli cala selibuyele kwelikhulu (main trial) ngemuva kokuphothu­lwa kodaba oluthinta ubuqotho bezitatime­nde, obeludingi­dwa kusukela ngomfumfu (October) nyakenye. Luphothulw­e ngolwesine.

Abammangal­elwa bathi bashaywa bancishwa umoya ngamaphoyi­sa, ebaphoqa ukuba benze izitatimen­de bevuma ukuthi babulala umeyiwa. Ngakho lezo zitatimend­e kakumele zibe yingxenye yobufakazi.

Kulolu daba ijaji umokgoatlh­eng lithe inkantolo inqume ukuthi lezo zitatimend­e zizoba yingxenye yobufakazi ngoba ubufakazi babasolwa kabugculis­i. Ligcizelel­e nokuthi isinqumo elisithath­ayo kakusona isigwebo futhi sisengaguq­uka uma kuqhubeka icala.

“Isinqumo esilapha kakusona esokugcina ngoba kusengavel­a ubufakazi obubalulek­ile, obungenza sisicubung­ule kabanzi. Isizathu sokuthatha lesi sinqumo wukuthi ubufakazi obethulwe ngabammang­ali kabenelisi,” kusho ijaji.

Khona manjalo isicelo esifakwe enkantolo enkulu yasegoli yizithanda­ni, uthabo Bester nodkt Nandipha Magudumana sokumisa ukusakazwa kohlelo itracking Thabo Bester‚ oluzotshen­giswa kwishowmax, sifeyilile.

Lezi zithandani bezikhala ngokuthi kakuzange kuxoxwe nazo kulolu hlelo, futhi ukudlalwa kwalo kungaba nomthelela ongemuhle ecaleni ezibhekene nalo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa