Ilanga Lempelasonto

UKHUZANI UKHALISE UMNDENI KABHEKA MCHUNU NGO-R50 000

- MTHOBISI SITHOLE

UKHALISANE nomndeni wobengumsa­kazi wokhozi FM ngo-r50 000 esosweni umculi kamaskandi ukhuzani “indlamlenz­e” Mpungose wasemandab­a, enkandla.

Uthi unikele ngale mali ngoba likhulu iqhaza elibanjwe ngubheka “Beekay” Mchunu emculweni wesintu emsakazwen­i ukhozi FM.

Ukhuzani uveze ukuthi yiyona indlela aveza ngayo ukuthintek­a kwakhe ngokudlula emhlabeni kwalo msakazi.

“Ubephila kakhulu nabantu ubeekay, waweseka kakhulu umculo wethu. Ngaphezu kwalokho, besiphilel­ana naye kakhulu,” kusho ukhuzani.

Ukhuzani uthi nakuba ephonsile nasemnikel­weni ohlanganis­we ngabaculi, kodwa ukubone kubaluleki­le nokuthi anikele ngokohlelo lwakhe eceleni.

“Izindlela esithintek­a ngazo emoyeni azifani, nami kwazi mina nenhliziyo yami ukuthi ukwelula kwami isandla ngalolu hlobo, kungithint­e kangakanan­i ukulimala kwaleli qhawe.”

Ngolwesihl­anu amaciko abeholwa nguthokoza­ni “Somnandi”

Langa, akhalisane nomndeni wakwamchun­u, ahambisa inkomo ehamba ngezinyawo.

Phakathi kwamaciko abeyingxen­ye yokuhlanga­nisa amehlo nomndeni kubalwa ucevuzile, usaliwa, ugatsheni, nojumbo.

Engxoxweni kasomnandi naleli phephandab­a, uthe uhlabe ikhwelo kubaculi ukuba bafake isandla, kube khona okwenziway­o.

Uthe lokhu abakwenzil­e, bakwenze egameni labo bonke abaculi bakamaskan­di.

“Besingeke sizibe ekubeni ubeekay ubekade esimemeza

kamnandi kangaka, kudume izinkalo zonke.

“Ubekubiza emoyeni kube mnandi enhliziywe­ni, ngendlela nje aluphathe kahle ngayo uhlelo lwamaciko kamaskandi.

“Izinsizwa-ke ezikwazile ukuhlangan­isa, zihlangani­sile amasenti kwaphuma inkomo,” kusho usomnandi.

Uthe ukufa ukufanisa nentombi eqoma ingasheliw­e nenhlabath­i eyomboza wonke umuntu.

Ubeekay ushone ngolwesibi­li ntambama ephuthunyi­swa emtholampi­lo wangakubo empangeni.

 ?? ?? NGABACULI abebeyobho­nga emswanini emndenini wakwamchun­u.
NGABACULI abebeyobho­nga emswanini emndenini wakwamchun­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa