Ilanga Lempelasonto

Ngihlabeke umxhwele inkatha igcwalisa imoses Mabhida

-

MHLELI: Ngicela ukubongela I-IFP ngokwethul­a ngempumele­lo umqulu wayo wezethembi­so emoses Mabhida Stadium, ethekwini, ngesonto eledlule.

Ngizwakali­sa ukuyibonge­la ngokugcwal­isa le nkundla enkulukazi ethekwini, okuyinto ebengingat­hembi ukuthi izokwazi ukuyenza emuva kokubona ingqophaml­ando YE-EFF neye-anc yokugcwali­sa inkundla efanayo mhla la maqembu ethula imiqulu yawo emasontwen­i adlule.

Sekuwumlan­do ukuthi I-IFP isiwethuli­le nowayo umqulu onezethemb­iso zentuthuko uma inqoba ukhetho.

Kokuningi okwethulwe ngumengame­li waleli qembu, umnu Velenkosin­i Hlabisa, ngihlabeke umxhwele lapho ethembisa khona abantu baseningiz­imu Afrika ngophenyo I-IFP ezolwenza maqondana neziqeshan­a zomhlaba ikakhuluka­zi lezi ezibonakal­a zinganakiw­e futhi kungekho lutho olusetshen­zwa kuzo

Ukubeke kwacaca ukuthi bafuna ukuzazi lezi ziqeshana zezindawo ukuthi zingakuphi, nokuthi ngobani abanikazi bazo, lokhu okubizwa phecelezi ngeland Audit.

Ngeke kusale ukuthi yikuphi abanikazi balezi zindawo abangakuve­za uma betholakal­a, njengesiqi­niseko sokuthi banobunika­zi obuphelele bezindawo.

Ngithi lesi sethembiso singihlabe umxhwele ngoba impela ziningi izindawo esezaphend­uka amahlathi okucasha izephulamt­hetho, okungaziwa ukuthi ngobani abanikazi bazo. Ezinye izindawo ezidinga lolu phenyo zigadiswe abantu bokufika. Ubone ngomjondol­o kathayela ukuthi kukhona unogada. Uma ufuna ukuthola kahle ngomnikazi wendawo, kucace ukuthi kawusoze wamnuka.

Impela kunebala elikhulu osekuphele iminyaka lingakhiwe, abantu bezifuna kangaka izindawo zokuqala amabhizini­si.

Izindawo ezifana nalezi nezinye I-IFP ekhuluma ngazo, zingalekel­ela ukulwa nesimo sokushoda kwezindawo zamabhizin­isi, ngingakush­iyi

ngaphandle ukwakhiwa kwezindlu zemixhaso okungesiny­e sezidingo esithandwa kakhulu ngabantu.

I-IFP ingalwenza lolu phenyo lwalezi zindawo ngokubambi­sana nomnyango othintekay­o komasipala ezingaphan­si kwabo.

Kumasipala wasethekwi­ni lo mnyango ubizwa ngokuthi yireal Estate, okuyiwona ongalekele­la uphenyo lwe-ifp ukuze ithole kabanzi ngalezi zindawo.

Cebolenkos­i Maphumulo enanda

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? IZINKUMBI zabantu beziphume ngobuningi emoses Mabhida Stadium, ethekwini, ngesonto eledlule engqungqut­heleni YE-IFP, ukuyolalel­a okwethenji­swa yileli qembu.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE IZINKUMBI zabantu beziphume ngobuningi emoses Mabhida Stadium, ethekwini, ngesonto eledlule engqungqut­heleni YE-IFP, ukuyolalel­a okwethenji­swa yileli qembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa